LIBOPHELE abadlali abenze umehluko emaqenjini abo kwiSA 20 iqembu laKwaZulu-Natal, iHollywoodbets Dolphins, elizoqala iCSA T20 Challenge ngoLwesihlanu ntambama.
IDolphins ifinyelele kowamanqamu alo mqhudelwano ngo-2021, yanqotshwa yi-Imperial Lions, yaphinda futhi nangonyaka odlule, lapho iguqiswe khona yiTitans.
Iqembu elizolwela ukubuya nesicoco kulokhu linabadlali abafana noKeshav Maharaj, Jason Smith, Jon-Jon Smuts, Andile Phehlukwayo kanye no-Ottniel Baartman, abagqamile bedlalela amaqembu ehlukene kwiSA 20.
UBaartman uyiphakamisile indebe ne-Sunrisers Eastern Cape, waphinde waqokwa njengomshwibi ovelele kulandela ukuthatha amawikhethi angu-18.
“Sinabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu eqenjini lethu, okuyinto edingekayo. Sinenqwaba yabadlali abebeyingxenye yeSA20 abacoshe ulwazi emaqenjini abo. Bazobe bemagange ukukhombisa abakufundile kulo mqhudelwano,” kusho umqeqeshi weDolphins, u-Imraan Khan.
“Umqhudelwano we-T20 uyabajabulisa abadlali futhi nabalandeli bahlezi bewuthakasela. Sikubheke ngabomvu ukwenza kahle emqhudelwaneni wokugcina wesizini.”
IDolphins imemezele isikwati sabadlali abangu-19 esihlanganise abasebancane abafana noTristan Luus, Andile Simelane, Bryce Parsons nabanye, abazobe bebambisene nabamnkantshubomvu njengoKhaya Zondo, Prenelan Subrayen, SJ Erwee nabanye.
Iqembu lizoholwa nguKeshav Maharaj, oseke waba ngukaputeni weDurban Super Giants kwiSA 20, waphinde wahola neqembu lesizwe.
IDolphins izowuvula ngokubhekana neWestern Province Blitz eHollywoodbets Kingsmead ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.
Iqembu leDolphins elizodlala kwiCSA T20: Keshav Maharaj (ukaputeni), Grant Roelofsen, Bryce Parsons, Eathan Bosch, Khaya Zondo, Marques Ackerman, Jon-Jon Smuts, Brad Porteous, Jason Smith, Andile Phehlukwayo, Ottniel Baartman, Okuhle Cele, Daryn Dupavillon, Tristan Luus, Odirile Modimokoane, Andile Simelane, Prenelan Subrayen, Tshepang Dithole, SJ Erwee.