ZIZOKUBA ingcosana izithunywa zamagatsha eziqhamuka KwaZulu-Natal ezizovota engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-EFF bukazwelonke.
Ambalwa amagatsha e-EFF KwaZulu-Natal ahlangabezane nemibandela ebekelwe amagatsha azokuba nezithunywa ezizovota engqungqutheleni yangoDisemba.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uveze ukuthi awu-14 kuphela amagatsha e-EFF KwaZulu-Natal akwaze ukuhlangabezana nemibandela.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, lapho ebechaza ngamalungiselelo ale ngqungquthela ezokuba seGoli.
Amagatsha e-EFF abekelwe umbandela wokuthi kufanele kube ukuthi i-EFF yathola u-10% wamavoti endaweni ukuze akwazi ukuthumela umuntu ozovota.
UMalema uthe amanye amagatsha aKwaZulu-Natal ahlulekile ukuthola amavoti angu-10% endaweni, izithunywa zawo zizomenywa ukuba zizobuka kodwa wathi nakhona kuzokuba nombandela obekiwe.
“Sithathe isinqumo sokuthi simeme labo abathole amavoti angaphezu kuka-100 ngesikhathi kunokhetho. Phela ukuze nibe yigatsha elisesimweni, kufanele kube ukuthi ninamalungu angu-100. Anikwazi ke ukuthi bese nihlulwa ukuthola amavoti angu-100 uma ngempela kuwukuthi ninamalungu awu-100 e-EFF ngakini. Ngakho ke into esiyenzile ukuthi siwameme la magatsha ukuze azobona nje ukuthi asiwafuni amavila kwi-EFF.”
I-EFF ayenzanga kahle KwaZulu-Natal okhethweni olwedlule njengoba yathola amavoti angu-79 211, isuka ekutholeni amavoti angu-363 832 okhethweni lwango-2019.
Yize kunjalo, uMalema uchithe amahlebezi okuthi kuzohlakazwa ubuholi be-EFF esifundazweni.
UMalema uthe banelisekile ngencazelo abayithole ebuholini be-EFF KwaZulu-Natal ngokwenzeka okhethweni olwedlule.
“Sanelisekile ngobuholi be-EFF KwaZulu-Natal. Abekho abaholi abahlubukile bayojoyina amaqembu asanda kusungulwa. Sihlanganile nobuholi bezifunda nobesifundazwe. Basichazela ukuthi kwenzekani ngokhetho. Iqiniso ukuthi babebhekene nesimo esinzima lapha KwaZulu-Natal, benza ngakho konke okusemandleni abo ukuthi sithole amavoti amaningi.
“Angeke sibuhlakaze ubuholi baKwaZulu-Natal ngoba ayikho into ekhombisa ukuthi sihlulwe ngenxa yobuvila noma yokungakhankasi kwabo. Isigungu esiphezulu kwi-EFF sithathe isinqumo sokuthi bungahlakazwa ubuholi baKwaZulu-Natal. Sizosebenzisana nabo ubuholi baKwaZulu-Natal ukwakha kabusha iqembu.”
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-EFF izoqala ngoDisemba 12, izokuba seNasrec.
UMalema uthe bazothathelwa izinyathelo ezinqala abazophambana nemigomo uma sekuqhubeka ingqungquthela.
“Uma uhluleka ukulandela imigomo sizokuphindisela emumva.”