IQEMBU lakuleli lesizwe lekhilikithi labesifazane, lizongena emdlalweni wokugcina wamaqoqo eNdebeni yoMhlaba lazi ukuthi lidinga ukunqoba ukuze lidlulele kowandulela owamanqamu.
AmaProteas anqobe iWest Indies ngamawikhethi angu-10 emdlalweni wokuvula, athelwa phansi yi-England ngamawikhethi ayisikhombisa kowesibili.
Kowesithathu obuseDubai Interntional Stadium ngoLwesithathu, avukile axebula iScotland ngama-run angu-80. Abhethe kuqala ashaya ama-run angu-166, kwaphuma abadlali abahlanu, abaqeda bonke abeScotland isahlanganise angu-86.
UMarizanne Kapp, oshaye ama-run angu-43 emabholeni angu-24, ubona bewalungisile amaphutha abawenze bebhekene ne-England.
“Imidlalo efana nalena ayilula. Besazi ukuthi kufanele senze okusemandleni ethu ukuthi sikhuphule izinga futhi sinqobe. Umlayezo esiqhubeka nawo kulo mqhudelwano ukuzama ukushaya inqwaba yama-run ngesikhathi se-powerplay. Ngicabanga ukuthi abadlali bethu ababhethayo baqale kahle futhi sizoqhubeka ngale ndlela nasemdlalweni olandelayo,” kusho uKapp.
AmaProteas asezotholana phezulu neBangladesh eDubai namuhla ngo-4 ntambama, lapho ezobe elwela khona ukuba ngelinye lamaqembu amabili azoqhamuka kuGroup B angene kweyandulela owamanqamu.
UKapp obhethayo aphinde ashwibe, uthe akuwona umthwalo emahlombe akhe ukuba ngomunye wabaholi enkundleni njengomdlali onamava.
“Okusemqoka kimina wukuzethemba. Uma ngibona sengathi abantu bayakholelwa kimina ngiyakwazi ukudlala kahle kodwa uma ngingazizwa ngikhululekile angidlali kahle,” kusho yena.
“Ngikujwayele ukuhola abashwibi. Kuyiqiniso ukuthi siyamkhumbula u-Shabnim Ismail (osewathatha umhlalaphansi) ngoba besinobudlelwano obuhle naye. Okuhle wukuthi sinabo abashwibi abasebancane abakhaliphile.”
ENdebeni yoMhlaba yeT20 eyayiseNingizimu Afrika nyakenye, amaProteas afinyelela kowamanqamu, lapho anqotshwa khona yi-Australia.
Emqhudelwaneni owawuse-Australia ngo-2020 akhishwa yiqembu elifanayo kowandulela owamanqamu, kanti ngo-2018, eWest Indies, aphuma esigabeni samaqoqo.