OWESIFAZANE uphuthunyiswe esibhedlela saseMlaza, iPrince Mshiyeni Memorial Hospital emuva kokuba egibele phezu kwemoto yamaphoyisa omgwaqo maqede wakhuluma wanqunu. Kunesiqeshana se-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana esiveza lesi sigameko.
Le ntokazi iyabonakala izithe chwa phezu kwemoto ngesikhathi ijikeleza emigqwaqweni yaseSiphingo. Ugibele nesikhwama okhakhayini lwemoto iVW Polo Vivo.
Ubesukuma bese ephakamisa ingubo maqede avezele abantu abayizixongololo onqenqemeni lomgwaqo, izinqe.
Ubebuye ahlale phansi bese ekhumula eba nqunu ngesikhathi imoto isibheke ezimpambanweni zemigwaqo. Kwi-video kubonakala enye indoda igijima ngemuva naseceleni kwemoto, ihamba ithwebula lesi sigameko.
Ekhuluma nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe Ngempelasonto, okhulumela amaphoyisa eMetro, uColonel Boysie Zungu, uthe abakwasidlodlo babiziwe ukuba bazobhekana nalo wesifazane okusolwa ukuthi uphanjanelwe yingqondo enkabeni yedolobha laseSiphingo.
“Le ntokazi igxumele phezu kwemoto. Amaphoyisa akwazile ukuyehlisa maqede yaphuthunyiswa esibhedlela saseMlaza iPrince Mshiyeni Memorial ukuze iyolashwa.” Lesi sehlakalo siqondane nosuku okugujwa ngalo iMental Health.