UNETHEMBA lokuthi ukudlalela ekhaya kuzogqugquzela iqembu ukuthi lilwele ukungena kowamanqamu eCSA T20 Challenge umdlali weHollywoodbets Dolphins, uPrenelan Subrayen.
IDolphins izodudulana neDafabet Warriors kowandulela owamanqamu eHollywoodbets Kingsmead Stadium, eThekwini, ngoLwesine ngo-6 ntambama.
Leli qembu elizinze eThekwini lizibekisele indawo kweyomkhulajezi ngokuqeda endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-41 emidlalweni engu-14. IWarriors ilale endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-31.
USubrayen, ohola iqembu njengoba uKeshav Maharaj esayibambe kwi-Indian Premier League, uthe bazimisele ngokudlala ikhilikithi esezingeni eliphezulu phambi kwabalandeli babo.
“Yize ibakhona ingcindezi yokunqoba umdlalo kodwa sigxila kakhulu emfuthweni esiwuthola uma sidlala phambi kwabalandeli bethu, yilokho esikuthokozelayo ngokudlalela ekhaya. Ikhona ingcindezi yokudlala umdlalo omkhulu kodwa kusiqinisa idolo ukudlalela ekhaya,” usho kanje.
“Okuhle wukuthi sinabo abadlali abanamava njengoKhaya Zondo, Jon-Jon Smuts nabanye asebedlale emidlalweni eminingi emikhulu. Yibona abakwaziyo ukusibonisa uma sidlala imidlalo ebucayi.”
IDolphins neWarriors babhekana kabili emidalweni yamaqoqo. Owokuqala wanqotshwa yiWarriors, kuyona le nkundla abazobhekana kuyona, ngamawikhethi ayisikhombisa ngenyanga edlule.
Owesibili obuse-St. George’s Oval, ngeSonto, unqotshwe yiDolphins ngamawikhethi ayisikhombisa.
Ukunqoba kweDolphins kulo mdlalo kusho ukuthi leli qembu elicijwa ngu-Imraan Khan lizongena kowandulela owamanqamu linqobe imidlalo emihlanu ilandelana.
“Sithuthuke kuzona zonke izinto ezisemqoka emdlalweni. Abadlali abashayayo babhukulile, kanjalo nabashwibayo. Sijabule ngomgqigqo wethu omuhle nokuzethemba kweqembu,” kuqhuba uSubrayen.
“Sidlalile nabo kabili esigabeni samaqoqo, okuyinto eyenzekayo kuwona wonke amaqembu.
“Ngicabanga ukuthi womabili amaqembu ayihlaziyile leyo midlalo futhi azofunda okuthile kuyona. Nathi sikhulumile emhlanganweni, sabonisana ngalokhu okufanele siqhubeke nakho, nalokhu okufanele sithuthuke kukhona.”
Iqembu elizonqoba phakathi kweDolphins neWarriors lizobhekana nelizonqoba phakathi kweDP World Lions neMomentum Multiply Lions kowamanqamu ozodlalalwa ngeSonto.
Amathikithi omdlalo wakusasa aseyatholakala eTicketPro kanti angu-2000 okuqala azodayiswa ngo-R10 ngalinye. Azodayiswa nasenkundleni.
Umlandeli wokuqala oneminyaka engu-18 noma ngaphezulu ozonqaka ibhola ngesandla esisodwa uzohlomula ngo-R100 000, bese ethola nobhiya wamahhala (Castle Lager) unyaka wonke.