BABANJWE yiMantshi ukuthi bazibiza ngamagama ehlukene abasolwa abathathu ababhekene noxhaxha lwamacala okweba izimoto kodwa abahlale bephunyuka bagcine bengazange bagwetshwe.
Abasolwa okukhulunywa ngabonguZwelethu Ngcobo, Cryil Zuma noNkululeko Shandu.
Bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela emasontweni edlule. NgoLwesine bebevele eNkantolo eNkulu yeMantshi eThekwini.
Bebezolalela ukuthi inkantolo iyakugunyaza yini ukuthi baphume ngebheyili.
Kuthe lisaqhubeka icala, iMantshi uMnuz Zuma yathi kukhona ekusolayo kodwa engenaso isiqiniseko sakho.
Ithe laba basolwa usola sengathi bake bavela ngaphambilini kule nkantolo ngawo amacala okweba izimoto. Yathi kodwa amagama abo kwakungesiwona lawa ababizwa ngawo manje.
Ibe seyicela ukuthi kuyiwe ekhefini ukuze ithole ukuthi ngempela kwenzekani.
Sekubuywa ikuqinisekisile ukuthi kuyavela emabhukwini ukuthi ngempela bake bavela enkantolo ngamacala okweba izimoto kodwa bezibiza ngamanye amagama
Ngenxa yaleso sizathu iMantshi ithe akusaqhubeki ukulalelwa kwesicelo sebheyili futhi iyabanqabela nebheyili ngoba ikholwa ukuthi kuningi okumele ikuvundulule ngalaba balisa abathathu.
"Ngikholwa ukuthi kuningi okumele kubhekwe ngalaba bantu abaphambi kwenkantolo ngala macala,'' isho kanje.
IMantshi ithe ayifuni nokubanikeza ithuba lokuthi bavume kumbe baphike kulokhu ebikusho.
Ngesikhathi iMantshi ikhuluma kanjena bebebonakala sabantu abadidekile bengazi ukuthi kukhulunywa ngani.
Njengoba beboshiwe kuvela ukuthi baboshelwe amacala ehlukene okweba izimoto eMlaza, eNtuzuma naseNanda.
Ummeli wabo uzamile ukubakhulumela kodwa iMantshi yathi iyaphela indaba yebheyili.
Ithe icala ilihlehlisela isonto elizayo lapho okuzobe sekukuningi ekubhekile mayelana nabasolwa.
Umthombo okhulume neSolezwe ngemuva kwecala, uthe abasolwa bangophunyuka bemphethe.
"Sekukaningi la madoda eboshwa ngecala lokweba izimoto. Kodwa njalo agcine ephume phambili uma sekuqulwa amacala. Kodwa manje kubukeka sengathi sebefike kwangqingetshe,'' kuchaza umthombo.