IGQEMEKE udume lwengozi i-ANC KwaZulu-Natal ngokulaxazwa ngenye yezingwevu uMnuz Willies Mchunu, eyayiwundunankulu wesifundazwe.
Lokhu kushiwo nguNobhala wale nhlangano esifundeni iTheku uMnuz Musa Nciki, kulandela ukusula kukaMchunu ekhala ngokuthi usegawule zaphuka, akaboni kukhona angasakwenzela le nhlangano.
UNciki obekhuluma nesiteshi sethelevishini sakwaSABC ngoLwesihlanu, uthe bagqemeke udume ngokusula kukaMchunu.
Uthe bathole incwadi evela kuMchunu ngoLwesine ntambama, ayithumele nasegatsheni lakhe u-wadi 33 khona eThekwini.
“Sizoya kuMchunu njengomuntu esimhlonipha kakhulu, nobewumbele ogwansile ebesincela kuwona ulwazi, siyoxoxa naye mayelana nalesi sinqumo sakhe. Siyasihlonipha isinqumo sakhe kodwa sikholwa ngukuthi singamguqula umqondo. Asikwazi ukulahlekelwa umthombo wolwazi ofana naye ikakhulu ngalesi sikhathi,” kusho uNciki.
Encwadini esabalele ezinkundleni zokuxhumana, uMchunu ayithumele nakunobhala we-ANC esifundazweni, uyakuveza ukuthi waphakamisa eminye imigudu inhlangano eyayingayithatha emuva kokungenzi kahle okhethweni.
Uphinde akhale ngokugxekwa akutholile ngokuveza umbono wakhe ngohulumeni wokubambisana kwamaqembu, kuzwelonke nasesifundazweni.
Uveze ukuthi nakuba agcina eyamukele ekahulumeni wokubambisana kwamaqembu kodwa ukugxekwa akuthola kwamphatha kabuhlungu.
“Kwaze kwathiwa angazi nokuthi yini ubuKhomanisi. Kweminye yemihlangano yesigungu esiphezulu se-ANC esifundazweni, ngabuzwa nokuthi ngiwubani mina ukuthi ngingatshela abaholi ukuthi benzeni odabeni oluthinta uhulumeni wokubambisana,” kusho incwadi kaMchunu, owaba ngundunankulu wesifundazwe kusuka ngo-2016 kuya ku-2019.
Kule ncwadi uMakhuzemoyizela okuyigama abizwa ngalo, uveze nokuthi uselahlekelwe yithemba ezithembisweni ze-ANC zokukhulula abantulayo nokubhekela abasebenzi.
Uveze nokuthi uyazi ukuthi ukusula kwakhe kuzomlahlekisela ngabangani, aphinde agxekwe kodwa ubuhlungu azobuzwa engaphandle kule nhlangano, kungcono kunabuzwayo engaphakathi.
Ubonge ubuholi namalungu e-ANC asebenze nabo.
Owayengumholi wentsha ye-ANC uMnuz Thanduxolo Sabelo, ubhale kuFacebook ezwakalisa ukuphatheka kabi ngesinqumo sikaMchunu.
Uthe ngeke asamukele lesi sinqumo wathi abanye babaholi be-ANC okubalwa ababengoNdunankulu besifundazwe oMnuz Sbu Ndebele, Senzo Mchunu, Dkt Zweli Mkhize, nabanye abaholi okubalwa uMnuz Mike Mabuyakhulu, Dkt Blade Nzimande, oNkk Peggy Nkonyeni, Weziwe Thusi, Sipho Gcabashe kumele bangenelele.
UMchunu uke waba ngusihlalo wamaKhomanisi esifundazweni.
Kwenzeka lokhu nje ukufika kweqembu eliholwa ngowayengumengameli we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma, Umkhonto weSizwe, kuguqise i-ANC esifundazweni.