USELE nemibuzo engenazo izimpendulo umndeni kayise wengane (4) okuthiwa idlwengulwe yisihlobo (18) sikanina esiboshwe saphinde sadedelwa.
Ngokusho kwesihlobo sikamgilwa ngasohlangothini lukayise kwa-E KwaMashu, babone ngesonto eledlule, ngesikhathi umgilwa ebavakashele ukuthi kukhona okushaya amanzi.
Sithi uninakhulu kamgilwa (ozala uyise) uzwe kukhona iphunga elingaqondakali kuye, watshela uyise ukuthi akasondele, bambheke.
“Uqaphele ukuthi kuphuma uketshezi esithweni sakhe sangasese, wamgeza, wanikela kugogo (ozala unina) wayo khona kwa-E KwaMashu,” kusho isihlobo.
Sithi wabuya edinwe eqhuma, ugogo wayo ethi “ihlakaniphile ingane, ukube kukhona oyidlwengulile, ngabe imtshelile”.
Kuvela ukuthi uvamise ukuhlala nogogo wakhe nomalume, unina esemsebenzini.
Kuvele ukuthi bayiyisa kudokotela ozimele, owafike waqinisekisa ukuthi idlwenguliwe, wathi uthola ukuthi isikekile futhi yesuleleke nangesifo esithathelana ngokocansi.
Udalule ukuthi umgilwa watshela udokotela ukuthi ngumalume, (amgagula ngegama) omthinte esithweni sangasese.
“Saya esiteshini samaphoyisa ukuyovula icala. Satshelwa ukuthi umntwana uzohlolwa udokotela kahulumeni ngoba umphumela kadokotela ozimele awusebenzi uma kuvulwa icala lokudlwengula,” kusho isihlobo.
Sithi nokahulumeni udokotela wathola konke okutholwe yilo ozimele, balivula icala, waboshwa umsolwa.
Udalule ukuthi emva kwezinsuku ezimbili eboshiwe umsolwa, umseshi wababizela esiteshini kodwa wangasho lutho olutheni.
“Wacela ukukhuluma nengane yodwa,” kusho isihlobo.
Siveza ukuthi esebaphindisa ekhaya, umseshi wabatshela ukuthi ingane ishilo ukuthi umalume uyenzeni, wathi ishilo nokuthi yamtshela ugogo (ozala unina) ngalokhu.
“Wasidida esethi kungenzeka umsolwa adedelwe ngoba siyashoda isitatimende sikamgilwa. Samangala uma sesithola enkantolo ngakusasa ukuthi ngempela umsolwa udedeliwe,” kusho isihlobo.
Uthe batsheliwe ukuthi nokho umsolwa uzobuyela enkantolo ngo-Okthoba 16, wathi kodwa abenelisekile ngoba abazi ukuthi udedelwe ngaliphi.
“Uma bethi isitatimende siyashoda, basho ukuthini ngoba okushiwo yingane kwesekelwa ngisho nayimiphumela yodokotela abayihlolile,” kukhalaza isihlobo.
Isihlobo sithe bakhathazekile nangomgilwa abathi usahlala ngaphansi kophahla olulodwa nomsolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaMashu, abophe owesilisa (18) ngecala lokudlwengula ingane yentombazane (4) ngoSepthemba 26.
“Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ngo-Okthoba 2, icala lahlehliselwa u-Okthoba 16,” kusho uNetshiunda.