ESINYE sezithenjwa zeRoyal AM, uMfundo "Mfanakagogo" Thikazi, sibalisa ngobuhlungu benhliziyo esibuzwile ngokungayiqali imidlalo ngenxa yokulimala.
Kubukeka zibonakalile izimpawu zokungabibikho kwalesi sikhwishikhwishi njengoba iqembu laso lingakanqobi nowodwa selokhu kuqale isizini ka-2024/25. Yomine elisayidlalile licazelane amaphuzu nezitha.
Kuzokhumbuleka ukuthi liphinde libe senkingeni yokuvinjelwa yiFifa ukusayinisa abadlali. Likweleta uSamir Nurkovic waseSerbia noRicardo Nascimento waseBrazil.
Ngesizini edlule, uThikazi ulime indima enkulu elisiza kade linyonyobelwa yizembe. Ligcine lisonge likweyesi-13 ngamaphuzu awu-33. Belihlukaniswe amathathu kuphela neRichards Bay ebuye kuma-play-off.
UThikazi utshele Isolezwe ukuthi ubengabonakali ngenxa yokulima iqakala. Uthe lathinteka belungiselela isizini ephezulu.
"Kungiphathe kabi kakhulu ukungayiqali isizini nozakwethu. Ngalimala eqakaleni, sizilungisela le sizini. Okungiphatha kabi ukuthi lesi simo siphazamise izinto engifuna ukuzizuza kule sizini. Phakathi kwazo ukushaya amagoli amaningi. Akusenani ngoba sengiluleme. Bengikhona nasebhentshini emdlalweni esibambane kuwo neMagesi," kusho uThikazi.
Uqhube wathi: "Asiphathekile kabi ngale miphumela esisayitholile. Sidlala ibhola elihle, sisashaywa ibhadi lokunganqobi. Ozakwethu badlala kahle impela. Okungijabulisayo ukuthi umdlalo wethu olandelayo uzofika sengiqatha ngokwanele."
Mayelana nesigwebo seFifa, uthe: "Ukube uyazi ukuthi mkhulu kangakanani umoya wokuzwana nowokunqoba ekhempini yethu. Thina asingene kulezo zindaba, ezabaphathi beqembu. Umdlali ngamunye uyazi ukuthi uqashelwe ukuzokwenza umsebenzi wakhe. Abalandeli bethu abangaphatheki kabi, lezi zinsizwa ezikhona zizoyibamba ishisa injalo. Sineqembu elinabadlali abahle.“
Uthe isifiso sabo ukuqeda kwi-Top 8 noma kumaqembu amane phezulu. Ngesizini edlule kuke kwavela ukuthi ufunwa iKaizer Chiefs.
Ebuzwa ngakho, uthe: "Ngicela ukungaphawuli ngalokho ngoba angikwazi. Nginenkontileka neRoyal AM, kumele ngiyihloniphe."
Ezakhe zilele endaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu amane. Zizoze zidlale ngo-Okthoba 26 neSekhukhune eHarry Gwala Stadium.