UMSHAYELI wetekisi waseNanda, osezakhele udumo kuTik Tok ngama-video enza amahlaya noKim Mngomezulu (36), uthi kuyamjabulisa ukuthi udumo lwale nsizwa londla umndeni wayo.
UMduduzi Zungu (33) odume ngelikaMangqushana, uthi kumanje sekunabantu abanikela ngemali ngenxa yokujatshuliswa ama-video abawenza noKim.
Uveze ukuthi kukhona ngisho nabaseLondon abahlala bebafakela imali kwi-account bebagqugquzela ukuthi baqhubeke nomsebenzi wabo ngoba kuyabajabulisa ukubabona.
“Ngihlangane noKim ngo-2021. Phambilini, wake waduma kodwa wabuye wanyamalala. Ngithe uma ngihlangana naye ngo-2021, ngathatha isinqumo sokuthi ngenze i-video yakhe kanti abantu bazoyithanda. Kusuka lapho ngikhombise uthando kuKim nabantu engimletha kubona bayamjabulela. Njengoba mina ngingumshayeli wetekisi, uKim uthandwa kakhulu erenki.
“Uma eqhamuka kuyaziwa ukuthi usuke eze kumina. Ngenxa yokujabulela umsebenzi wakhe erenki, uma efika unikwa iwona wonke umuntu imali. Sekuze kwaba wumsebenzi kuyena ukuthi uza erenki afike anikwe imali. Ngosuku kuyenzeka alale no-R500. Lokho kuyawulekelela kakhulu umndeni wakhe ngoba akekho osebenzayo, iyona mali asebephila ngayo le esuke ifika noKim. Nabantu abasuke benikela, imali ngiyidlulisela emndenini wakhe ukuze bakwazi ukubheka izidingo zasekhaya,” kusho uMangqushana.
Uthe ngelinye ilanga unesifiso sokuthi avule inhlangano engenzi nzuzo ezobhekelela abantu abanokuphazamiseka njengoKim.
“Baningi abantu abawulolu hlobo kodwa abaveli emphakathini ngoba imindeni yabo iyabavalela. Uma benikwa ithuba kungavela ukuthi ziningi izinto abakwazi ukuzenza kodwa inkinga ukuthi kabanikwa ithuba. Engikuqaphelile ngoKim ukuthi akukho angakwazi ukukwenza. Ngelinye ilanga umfica elingisa amaSulumane, abe ngumphrefethi, aphinde agidise okwezangoma nokunye. Konke ukwenza kalula nokukhombisa ukuthi ungumuntu oqaphelayo uma kwenziwa izinto,” usho kanje.
Abaningi bachazwa yindlela asuke ekhuluma ngayo njengoba kuthiwa kunabantu abaze basuke ezindaweni ezikude bezobona uKim ngoba abanye bamazela kuTik Tok.
UMangqushana uthe sekuvamisile ukuthi bashayelwe ucingo abantu bethi bafuna ukuzobona uKim. Nokusebenzisana kwakhe naye, uthe akukho sivumelwano esibhalwe phansi kodwa umthatha njengewomndeni wakhe, ngoba nemali ayenzayo akathathi nesenti kuyona kodwa ujatshuliswa ukuthi ukwazi ukondla umndeni wakhe.
Uthe emgwaqweni akekho umuntu omdlulayo uKim, bamthatha ngezimoto zabo bamlethe kuyena uMangqushana uma engahambi naye.
UMangqushana uthe ushayela itekisi ka-anti wakhe eSikebheni eBuhleni, eNanda. UKim uthe yena ungowase-Area 1, eNanda. UMangqushana uthe kubo kaKim bangamaNazaretha futhi unina (kaKim) ungumkhokheli ebandleni.