USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, usephinde wanqaba ukudayisa umgadli ovuthayo, uKhanyisa Mayo, okuvela ukuthi ubefunwa yiqembu laseSweden.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi lo mgadli ubefunwa uthuli iMjallby AIF egijima kwi-Allsvenskan okuyiligi enkulu eSweden. Ngokusho komthombo, umqeqeshi waleli qembu, u-Anders Torstensson, akawuvali umlomo ngendlela uMayo adlala ngayo. Ukholelwa ekutheni angaba yikhambi enkingeni yamagoli ebhekene neqembu lakhe. Umthombo uqhube wathi uComitis ubengenayo inkinga ngokudedela lo mgadli. Inkinga iqale ngesikhathi izikhulu zeMjallby zibeka etafuleni imali encane. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMeyi nyakenye, amaCitizens alule inkontileka kaMayo ngamasizini amathathu. Lokhu kusho ukuthi izoze iphele ngoJuni wango-2028.
"UComitis ubefuna isamba esithile kuleli qembu laseSweden. UMayo akaconsi phansi kuComitis. Ukholelwa wukuthi ufanelwe okungcono. Leli qembu belibeka imali engaphansi kwebifunwa uComitis. Kwale noma sezimncenga izikhulu zalo kodwa uComitis wama emalini ayifunayo," kubeka umthombo.
UComitis akakuvumanga futhi akakuphikanga ukunqaba ukudayisela iMjallby.
"UMayo ungumdlali wezinga eliphezulu. Ufunwa ngamaqembu asemazweni ahlukene. Nakuba kunjalo ngeke ngimhambise noma yikuphi. Ufanelwe okuhle kodwa okuzolingana nezinga akulo. Lizoqhamuka iqembu elimfanele phesheya noma kuleli. Ngeke sijahe, naye uKhanyisa uyakwazi lokho. Ngaphandle kwalokhu, kule sizini sinezinto esifuna ukuzizuza. UKhanyisa usezinhlelweni zokuthi sithole lokhu," kubeka uComitis.
Iligi yaseSweden izoze iqale ngo-Ephreli, iphele ngoNovemba. Nyakenye iMjallby iqede indaweni yeshumi kwi-log.
Ngesizini edlule uMayo ubefunwa uthuli yiMamelodi Sundowns. Empeleni, iningi belizitshela ukuthi kule sizini uzobe egijima kuyo. Amanye amaqembu okuvele ukuthi ayamfuna yiKaizer Chiefs neYoung Africans yaseTanzania.
Nakulamaqembu uComitis ushaye ngonyawo phansi, wathi akayi ndawo umfana wakhe. Nakule sizini uKhanyisa uvutha engabaselwe.
Useshaye amagoli ayisikhombisa kanye noLucas Ribeiro Costa weSundowns, azihola phambili naye kwiDStv Premiership. Kuyiwe ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon) ezikaComitis zilele endaweni yesibili kwiPremiership ngamaphuzu awu-29, emidlalweni ewu-16. Kuqhwakele amaBrazillians ngawu-38, emidlalweni ewu-14. ICity ibuya ngomdlalo weMoroka Swallows, ngoFebhsuwari 13, eCape Town Stadium.