ICHIPPA United ivule izandla mayelana nokudayisa unozinti wayo, uStanley Nwabali, osekusabalele ukuthi ufunwa yiKaizer Chiefs.
UNwabili (27) waseNigeria, ushaye into ecokeme kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) emasontweni adlule e-Ivory Coast. Usize iSuper Eagles yafinyelela kowamanqamu lapho yehlulwe khona ngosokhaya, i-The Elephants.
Lo nozinti ungenelwe ngamagoli amathathu kuphela kwi-Afcon, okubalwa kuwona amabili amudle kowamanqamu. Ngemuva kwe-Afcon, kusabalale amahlebezi athi uNwabali ufunwa yiChiefs ngenhloso yokuvala isikhala esizovuleka ngokuhamba kuka-Itumeleng Khune, osekuqinisekisiwe ukuthi uyagcina eNaturena kule sizini.
Imenenja yeChippa, uWanda Mbenguzana, ithe ngeke bame endleleni kaNwabali. KwiChilli Boys, uNwabali ubanga ijezi noLloyd Kazapua obevimbele iNamibia kwi-Afcon, Darren Johnson noLukhanyo July.
“Akuyona inkinga ukudayisa uNwabali. Sinabo abanye onozinti eqenjini abafana noKazapua, Johnson. Asishodi ngonozinti. Konke kuzoncika kusihlalo weqembu (uSiviwe) Mpengesi ukuthi ujabule yini ngokuzobekwa etafuleni yiqembu elifuna uNwabali. Angicabangi kodwa ukuthi uzoba nenkinga yokumdedela,” kusho uMbenguzana.
Uma kwenzeka iChippa idayisela iChiefs uNwabali, kuzoba ngokwesibili la maqembu ehwebalena ngonozinti waseNigeria. Ngo-2019, iChiefs yathenga uDaniel Akpeyi kwiChippa phakathi nesizini. U-Akpeyi, oseyibamba kwiMoroka Swallows, uhlukane naMakhosi ngo-2022.
Emidlalweni yeDStv Premeieship, uNwabali ungenelwe ngamagoli angu-14 emidlalweni engu-15. Akubuzwa ukuthi ukudlala kwakhe kwi-Afcon kulenyuse kakhulu igama lakhe ebholeni laseMzansi nase-Afrika. Ngaphezu kwalokho, ukhuphule igama leChippa.
“Yonke indawo uma umuntu wenu enza kahle, niyajabula nimhalalisele ngoba uphakamisa igama lenu nelendawo yenu. Ngaphandle uma ungumuntu onomona. UStanley wenze kahle kakhulu kwi-Afcon, wagqamisa igama leChippa.
Emazweni anjengeNigeria, Ivory Coast neCameroon, kunzima ukuthola isikimu ngoba bahlala beqoka ukudlalisa abadlali abadlala phesheya kwezilwandle.
Sijabule sonke ngokudlala kwakhe kwi-Afcon. Lokhu kukhombisa ukuthi iligi yethu isezingeni elifanayo nelamanye ase-Europe. Umehluko nje kungaba yimali,” kusho uMbenguzana.
IChilli Boys izobuyela enkundleni uma isiyobhekana neNC Pros emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup ngeSonto eMxolisi Dicky Stadium, e-Upington eNorth West.