I-KAIZER Chiefs iqhubekile nokukhumbula abalandeli bakwezinye izifundazwe ngokusabalalisa imidlalo yasekhaya yeBetway Premiership yesizini ka-2024/2025.
Izolo, i-Premier Soccer League (PSL) ikhiphe uhlu oluphelele lwemidlalo yeligi yesizini ka-2024/2025. Wonke amaqembu azoqala ukudlala ngempelasonto yangoSepthemba 14 no-15.
IChiefs izovula neMarumo Gallants eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoSepthemba 14. Lo mdlalo kuzoba ngowokuqala osemthethweni womqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, okubhekwe ukuthi asule izinyembezi zeminyaka kubalandeli.
Nakuba iChiefs izoqhubeka nokuyidlalela eFNB Stadium, eNasrec, imidlalo yasekhaya kodwa iphinde yanquma ukwenabela KwaZulu-Natal naseLimpopo. Umdlalo wokuqala wemithathu Amakhosi azoyidlala eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, uzoba ngoDisemba 29 uma isibhekene neChippa United.
Eminye imidlalo azoyidlala eMabhida, ngoweLamontville Golden Arrows ngoJanuwari 12 noweSekhukhune United ngoJanuwari 21. Ngaphambi kwale midlalo, abalandeli beChiefs bazoyibona okokuqala eThekwini uma isivakashele AmaZulu ngoSepthemba 25. Imidlalo emithathu iChiefs ezoyidlala eNew Peter Mokaba Stadium, kuzoba ngoweRichards Bay FC ngoNovemba 27, Stellenbosch ngoJanuwari 7 nowe-TS Galaxy ngo-Ephreli 4.
Imidlalo okufanele wukuthi ibhekwe ngabaningi ohlwini lweChiefs ngezowudlala neMamelodi Sundowns ngoSepthemba 28 eFNB Stadium nowe-Orlando Pirates ngoFebhuwari 1.
Njengoba Amakhosi engekho kwi-MTN8 eqhubekayo, ahlela ukudlala imidlalo yobungani namaqembu aseBotswana ngenhloso yokuzicijela ukuqala kwesizini entsha. Emasontweni adlule, ngesikhathi i-Chiefs yethula ijezi elisha, isikhulu uJessica Motaung, sacashunwa sithi bahlela ukuya eBotswana ukuze iqembu lihlale lisesimweni esifanele, likulungele ukuqala umsebenzi uma sekuqala imidlalo yeligi.
Bekunezinkulumo zokuthi iChiefs iyona ebizovakashelwa kodwa yavinjwa yimithetho ye-PSL engavumi ukuthi kudlalwe eminye imidlalo uma isizini isiqalile.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, akakuphikanga ukuthi iqembu lizodlala imidlalo yobungani.
“Okwamanje akukho okusha esingabika ngakho. Siyaziqeqesha nje,” kusho uMaphosa.
Abalandeli beChiefs, abagcwalisa izinkundla cishe kuzoba zonke izifundazwe, babheke okungcono ngaphansi kukaNabi nethimba lakhe. Amakhosi selokhu agcina ukuphakamisa indebe ngesizini ka-2014/2015, ewina iligi ne-MTN8 ngaphansi komqeqeshi uStuart Baxter.