Cape Town City (0) 0
Kaizer Chiefs (0) 0
IKaizer Chiefs ilahle amaphuzu idlala ngokulingana neCape Town City emdlalweni weDStv Premiership e-Athlone Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ntambama.
Okuqaphelekile esikimini seChiefs esiqale umdlalo, wukuqala kukaSiyethemba Sithebe noSibongiseni Mthethwa abavale izikhala zoYusuf Maart no-Edson Castillo abadonsa izigwebo zamakhadi.
USithebe uqala lo mdlalo nje wayegcine ukubonakala egqoke ijezi leChiefs ngo-Agasti 9 ekuqalehi kwale sizini ngesikhathi ibhekene neMamelodi Sundowns kowePremiership.
Ngaphambi kwekhefu leFifa, iChiefs ithole isibhaxu sika 3-2 kwi-Orlando Priates kowabakhaya baseSoweto. ICity yona beyize kulo mdlalo izikhotha amanxeba njengoba ibisishaywe imidlalo emine yePremiership ilandelana.
Okuqaphelekile ngoSithebe osekunesikhathi eside engadlali, wukungakhombisi kwakhe izimpawu zokuba ngumdlali obuthuntu njengoba ebe neminyakazo emihle, eminye yayo ecishe yathololela iChiefs amagoli kulo mdlalo.
Kweminye yeminyakazo kaSithebe, ududule ishodi engaphandle kwebhokisi kade eliphaselwe nguWandile Duba ngomzuzu ka-63 kodwa laphuma kancane eceleni kwepali.
Empeleni uSithebe noMthethwa bakhombise ukudlala ukuldlala ngokuzwana esiswini seChiefs.
Womabili la maqembu awatholile amathuba okubhakuzisa inethi kodwa ahluleka ukuwasebenzisa ngendlela efanele agcina ecazelane ngamaphuzu.
Ukwehluleka kwaMakhosi ukubuya namaphuzu aphelele kulo mdlalo, kusho ukuhlala kwayo endaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership, kanjalo ne-The Citizens nayo engakagudluki endaweni yesihlanu ekuyona njengamanje kwi-log.
Womabili la maqembu asembangweni wokulwela ukuzibekisela indawo endaweni yesibili neyesithathu kwi-log ukuze athole indawo kwiCaf Champions League nakwiConfederation Cup. Amakhosi asalelwe yimidlalo eyisishiyagalolunye ukuqinisekisa lokhu.
Khonamanjalo, iLamontville Golden Arrows iqhubekile nomgqigqo wayo iguqisa iRichards Bay FC ngo 2-1 kowabakhaya baKwaZulu-Natal obudlalelwa eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli e-Arrows avalelwe phakathi nguNduduzo Sibiya ngesiwombe sokuqala no-Olwethu Ncube ngesiwombe sesibili. EleRichards Bay lishaywe nguSomila Ntsundwana ngesiwombe sokuqala.
I-Arrows ibisinqoba umdlalo wayo wesibili ngaphansi kwesandla somqeqeshi uSteve Komphela. Ukwehlulwa kweBay kuyifake otakwini kwazise kungenzeka kuphele impelasonto isiyehlele emsileni we-log uma iCape Town ingathola amaphuzu amathathu kwiMoroka Swallows kusasa ngeSonto eSoweto.
Eminye imiphumela yeDStv Premiership:
Stellenbosch FC 3-0 Royal AM; Cape Town City 0-0 Kaizer Chiefs; Polokwane City 1-0 Chippa United; Golden Arrows 2-1 Richards Bay FC