Kaizer Chiefs(1)1
Golden Arrows (0)0
I-KAIZER Chiefs yendlalele umdlalo wabakhaya baseSoweto ezowudlala ne-Orlando Pirates “ngokukhipha ibhadi” ngeLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoLwesibili ebusuku.
Igoli eliweze iChiefs lishaywe nguWandile Duba esiwombeni sokuqala
IChiefs ingene enkundleni inengcindezi yokushintsha isimo kwazise ibingakaze iwine emidlalweni yeligi selokhu kuqale unyaka u-2024. Idlale ngokulingana ngo 0-0 neRoyal AM, yalandelisa ngomunye umphumela ofanayo ngempelasonto edlule ibanjwa yiMoroka Swallows. Ngaphezu kwalokho, ibingakaze ishaye nelokubika igoli ngo-2024.
I-Arrows, ibibheke ukukhipha ishobolo lokuhluleka ukuwina imidlalo kwazise ibhekane neChiefs isishaywe emidlalweni engu-10 yePremiership ilandelana. Abafana Bes’thende bebelokhu bagcina ukuwina ngesikhathi behlula iChiefs ngo 2-1 ngo-Okthoba 28 nyakenye, koweligi eMpumalanga Stadium.
Ukuwina kweChiefs akubuzwa ukuthi kuzobuyisa ukuzethemba njengoba ibheke emdlalweni wabakhaya baseSoweto ezowudlala nePirates eFNB Stadium ngoMgqibelo. La maqembu abelethene endaweni yesihlanu neyesithupha kwi-log, aseyalingana ngamaphuzu angu-29. Ngakolunye uhlangothi, ukuhlulwa kwe-Arrows kuqongise ingcindezi kumqeqeshi kuMabhuti Khenyeza.
Esiwombeni sokuqala, i-Arrows iyona eqale izama ukuthola igoli ngokushesha kodwa yahluleka. Ishodi likaNqubeko Dlamini lichithelwe ngaphandle ngunozinti weChiefs, uBruce Bvuma, ngomzuzu wesine. Emuva kwalo mnyakazo, iChiefs izinzile emdlalweni, yaqala ukuwulawula. Kusheshe kwayilungela ngomzuzu ka-11 ngesikhathi uDuba eshaya ingcwenga yegoli engaphandle kwebhokisi emuva kwebhola aligingqelwe nguPule Mmodi. Leli bhola, iChiefs ilephuce i-Arrows ngaphandle kwebhokisi layo. Emuva kwaleli goli, i-Arrows izamile ukukhuphuka iyofuna elokulinganisa kodwa bekungahlangani uma isifike phambili.
Esiwombeni sesibili, i-Arrows ibuye nomfutho isifake umgadli omusha uLibamba Moyela. Lokhu kuluthwalise kanzima udonga lwasemuva lweChiefs. Ithuba elicacile i-Arrows ilithole ngomzuzu ka-48 kodwa walishaya laphuma phezu kwepali uKnox Mutizwa esebhekene noBvuma. UMoyela uthole ithuba ngomzuzu ka-66 kodwa ishodi lakhe lachithwa nguBvuma. Iziguquko ezenziwe nguKhanyeza ziwenyusile umfutho we-Arrows kodwa iChiefs iphumelele ukuqhamuka nezixazululo.
Emdlalweni olandelayo, i-Arrows izobhekana nePolokwane City ekuhambeni ngeSonto ntambama.
Kweminye imidlalo yePremiership, AmaZulu adlale ngokulingana ngo 1-1 neSwallows. ICape Town City ikhale ngaphansi ngo 1-0 kwiStellenbosch kowabakhaya baseKapa.