I-ORLANDO Pirates kubukeka iwadinga ephelele amaphuzu emdlalweni wayo neSupersport United ezowudlalela ekhaya uma izimisele ngokuvala igebe phakathi kwayo neSupersport emshikashikeni wokulwela ukuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership.
IPirates izotholana phezulu neSupersport emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, namuhla ngo-5.45 ntambama.
Womabili la maqembu awadinga ngokufanayo amaphuzu kulo mdlalo, kwazise iPirates ilele isithathu kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-34 emidlalweni engu-22.
Ingemuva ngamaphuzu amahlanu kwiSuperspirt esendaweni yesibili ngamaphuzu angu-39 emidlalweni elinganayo.
Ukuqengqeleza phambili kweMamelodi Sundowns esicongweni se-log esisalelwe ngamaphuzu ayisikhombisa ukuthatha isicoco seligi, kuvula umbango welizolala isibili phakathi kweSupersport, iPirates, iKaizer Chiefs neCape Town City.
IChiefs neCT City bayalandelana endaweni neyesine neyesihlanu, okungaba yimilingo ukusonga iligi belele isibili.
Iqembu elizolala isibili lizodlala kwiCaf Champions League kuthi isithathu lidlale kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
Umqeqeshi wePirates uJose Riveiro uzwakalise ekuqonda kahle ukubaluleka kokunqoba kwezakhe umdlalo wanamuhla.
“Yonke imidlalo esizoyidlala kusukela manje ibalulekile, ifana neyamanqamu, akukhathaleki ukuthi oweligi noma oweNedbank Cup.
“Sizolwa kuze kube sekugcineni. Ayibuzwa nakubuzwa eyokuthi kubaluleke kangakanani ukuqeda isizini sisendaweni yesibili kwilog,”kusho uRiveiro.
Usonge ngokuthi yize iSupersport inenjongo efanayo nabo futhi ibashiya ngamaphuzu, bawadinga egcwele amaphuzu alomdlalo abasethubeni lokuzishayela bona.
UGavin Hunt weSuperSport uthe:“Lo mdlalo esizowudlala nePirates ngiwubheke ngamehlo abomvu kanti yonke imidlalo esele ibaluleke kakhulu, awukho nowodwa olula.
“IPirates isezithendeni zethu neChiefs nayo ngokunjalo. Ngakho-ke ngeke sisabheka emuva.”
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla:
Sekhukhune United v Chippa United (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Orlando Pirates v Supersport United (Orlando Stadium, 5.45pm); Maritzburg United v Kaizer Chiefs (Harry Gwala Stadium, 8pm)
Kusasa:
TS Galaxy v Richards Bay FC (Mbombela Stadium, 3.30pm)