IHLOKO yabaqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ikhulekela ukuthi impumelelo yeqembu yakamuva kweyemikhumulajezi kungabi iyona ezobaqhatha nabalandeli uma kungasenzeki ngesikhathi esizayo.
URiveiro ukhulume ngalokhu kwabezindaba emuva kokunqoba kwezakhe ngo 3-1 kwiCape Town City uma sekuhlanganiswe yomibili imilenze yowandulela owamanqamu weMTN8.
NgoMgqibelo eZimnyama zinqobe ngo 2-0 emlenzeni wesibili, e-Orlando Stadium, eThekwini. Umlenze wokuqala wawuphele ngo 1-1 eKapa.
IBucs ngempelasonto enqobe ngamagoli, kaTshegofatso Mabasa noDeon Hotto, ibizibekisela indawo kowamnqamu weMTN8 okwesithathu amasizini elandelana. Isiyivikele kabili kulandelana le ndebe.
Kumasizini adlule ngaphansi kukaRiveiro, iPirates iyazenzela kweyezinkomishi esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika okufakazelwa ukudla kwayo kabili iNedbank Cup neMTN8 amasizini elandelana.
URiveiro uyavuma ukuthi kukhona okubukeka sengathi kuyahlangana kusukela beqalile ukubumba yena nethimba lakhe kodwa futhi akafuni impumelelo emiqhudelwaneni idale uqhekeko phakathi kwabo (yena nabadlali) nabalandeli uma kungasenzeki.
“Indlela esiya ngayo emidlalweni kumbe isitayela sethu sokudlala asishintshi kangako kweyemiqhudelwano noma kweyeligi ngokubona kwami,” kusho uRiveiro kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Engingakusho ukuthi kubadlali kubakhona okuthile okwenzekayo kweyemikhumulajezi kodwa akuyona into engingathi nginesandla kuyona.
“Kunomfutho ongajwayelekile owenzekayo kubona uma kuyimidlalo yezinkomishi,” kuqhuba yena.
Lo mqeqeshi waseSpain ukubalulile ukuthi ukujwayela kwePirates ukwenza le nto engajwayelekile kungaba yikhona futhi okubaqhatha nabalandeli.
“Impumelelo yethu ayijwayelekile uma uzoqaphela ukuthi sidlala eyamanqamu njalo emuva kwezinyanga ezinhlanu noma eziyisithupha.
“Akujwayelekile lokhu ebholeni lomhlaba kodwa kuyenzeka kwiPirates kulezi sinsuku ngakho kusifanele ukujabula.
“Engingakunxusa ukuthi bonke abaxhumene nePirates bakhohlwe okuningi kepha bathokozele lokhu okwenzekayo njengoba kusenzeka ngoba ngeke kube ingunaphakade.
“Kungakubi ukuthi ukujwayela lo muzwa kube ikhona futhi okudala uqhekeko phakathi kwabalandeli nabadlali uma kungasenzeki ngendlela okwenzeka ngayo manje.
“Iqiniso elimsulwa ukuthi ngeke kuhlale kumnandi kanje ngakho-ke bonke abaxhumene nePirates banegunya lokubhiyoza.
“Abadlali bePirates bamanje bayohlale bekhunjulwa ngenjabulo abayilethela abalandeli ngalezi zinkomishi abalokhu bezifaka ekhabetheni.
“Ngiwumqeqeshi ojabule kodwa okuqondayo ukuthi kusafanele kusetshenzwe ukuze kufezeke zonke izifiso zeqembu,” kuphetha uRiveiro.