IQEMBU lesizwe laseBelgium nakuba lingakaze liyinqobe iNdebe yoMhlaba yeFifa, akungatshazwa ukuthi ukwenza kangcono kwalo emiqhudelwaneni yeNdebe yoMhlaba ka-2014 neka-2018 ngezinye zezizathu ezingenza ukuthi libalwe nalawo abhekiwe kweyakulo nyaka, eseQatar.
Endebeni yoMhlaba yakulo nyaka eqala ngoNovemba 20 isongwe ngoDisemba 18, iBelgium iqhathwe neCanada, iMorocco neCroatia kwiGroup F. Izovula ngokududulana neCroatia, e-Al Bayt Stadium, e-Al Khor, ngoNovemba 23.
IBelgium ekleliswe yaba sendaweni yesibili ngemuva kweBrazil ngokwezilinganiso zeFifa, iya emqhudelwaneni waku lonyaka nje kowango-2018 eRussia yafinyelela kowandulela umdlalo wamanqamu yaguqiswa yiFrance, nokuyiyona eyagcina idle umhlanganiso.
Ukufinyelela kowandulela owamanqamu eNdebe yoMhlaba kweBelgium ngo-2018, kwase kungokwesibili kusukela ngo-1986.
Ukukhombisa ukuthuthuka kweBelgium eNdebeni yoMhlaba yango-2014 lapho yaphuma khona kuma-quarterfinal nakweyango-2018 kukhombisa ngokusobala ukuthi ingelinye lamazwe abhekiwe nakulo nyaka.
Nakuba eNdebeni yoMhlaba yakulo nyaka, kusenongabazane ngengadlangadla yomgadli waleli qembu lesizwe, uRomelu Lukaku, ongomunye wabadlali abagqama eNdebeni yoMhlaba yango-2018, kodwa kulindeleke ukuba ezinye izihlabani zalo zikwazi ukuyibamba ishisa ukuba lenze kangcono kunango-2018.
ULukaku ophindele kwi-Inter Milan ngaphambi kokuqala kwale sizini, ulimale ngasekuqaleni kwale sizini esadlale imidlalo emithathu kuphela, yize eseqala ukwelulama.
Abadlali ababhekiwe:
U-Eden Hazard (31) oyinjini yasesiswini kwiReal Madrid, ungomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu lesizwe laseBelgium, nokubhekwe amava akhe kwiNdebe yoMhlaba yakulo nyaka njengokaputeni waleli qembu lesizwe.
Ezinye izihlabani ezibhekiwe kuleli qembu kubalwa kuzo uKevin De Bruyne, u-Axel Witsel, uYannick Carrasco,
nonozinti wokuqina uThibaut Courtois.
Umqeqeshi:
URoberto Martinez (49) owake waqeqesha i-Everton yase-England, uthathe izintambo zokuqeqesha iqembu lesizwe laseBelgium ngo-2016, wahola leli qembu kwiNdebe yoMhlaba yango-2018 eRussia, lapho lifinyelele khona kowandulela owamanqamu.
Ngakho kubhekwe ukuba lo mqeqeshi odabuka eSpain ahole leli qembu ekwenzeni kangcono kwiNdebe yoMhlaba yaku lo nyaka.