LONA kube wunyaka lapho iqembu lesizwe lebhola labesifazane kuleli eliphinde labhala kabusha umlando walo ngokuba elokuqala laseNingizimu Afrika kunobhutshuzwayo ukungena kwi-Last 16 eNdebeni yoMhlaba.
Lokhu likwenze emqhudelwanneni obubanjelwe e-Australia naseNew Zealand phakathi kukaJulayi no-Agasti.
Bekungokwesibili elakuleli lidlala kulo mqhudelwano omkhulukazi njengoba lalikhona eNdebeni yoMhlaba eyayiseFrance ngo-2019.
Kulowo mqhudelwano laphuma esigabeni samaqoqo linganqobanga nowodwa umdlalo.
IBanyana ebiye kulo mqhudelwano webhola lomhlaba ihambela phezulu ngemuva kokunqoba isicoco seWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngonyaka odlule, ibihambisana neMorocco, Nigeria neZambia, kumaqembu abemele izwekazi i-Afrika.
Iqembu likaDesiree Ellis lingene kowe-Last 16 ngemvua kokwehlula i-Italy ngo 3-2 lase liqeda endaweni yesibili kuGroup G, owanqotshwa iSweden.
Yize iBanyana yenze le ngqophamlando kodwa okunye obekusematheni kubalandeli bakuleli ngeqembu lika-Ellis, isinqumo salo mqeqeshi sokukhuhlisa ibentshi u-Andile Dlamini. U-Ellis uwe evuka noKaylin Swart oyivimbe yonke imidlalo, lo mqeqeshi ezeseka ngokuthi umqoka ngoba uyakwazi ukuqala ibhola emuva phezu kwamaphutha agqamile abewenza.
Ngemuva kokubuya eNdebeni yoMhlaba, iBanyana bekulindeleke yenze kahle kwiCosafa Cup kodwa ihluleke yancama ukwenza kahle kulo mqhudelwano odlalwe ngo-Okthoba, iphuma ekuseni esigabeni samaqoqo.
Sekungumlando ukuthi iCosafa Women’s Cup igcine inqotshwa yiMalawi ngokuguqisa iZambia kowamanqamu.
Nokho, liphinde labuya ithemba ngeBanyana izibekisela indawo kwiWafcon ka-2024 ezodlalelwa eMorocco, ngokuguqisa iBurkina Faso ngo 2-0 emasontweni edlule. Kuwona lo mdlalo kubonakale okokugcina, owayengukaputeni, uJanine van Wyk osewagaxa emgibeni amakhokho. Uqophe owakhe umlando eba ngumdlali weqembu lesizwe wase-Afrika onemidlalo eminingi kunabo bonke njengoba esethi khumu egijimi engu-185.
Uma kuziwa emaqenjini akuleli, iMamelodi Sundowns Ladies iqhubekile nokukhonya ivikela isicoco seHollywoodbets Super League. Leli qembu likaJerry Tshabalala aligcinanga lapho njengoba linqobe isicoco seCosafa kanjalo seCaf Women’s Champions League. Bese kungokwesibili lidla iChampions League selokhu yaba khona.
U-Ellis unqobe umklomelo womqeqeshi ovelele kuma-Caf Awards. Kwathi uDlamini nozakwabo kwiSundowns Ladies, uBambanani Mbane noLebohang Ramalepe bangenza kwiCaf Women’ XI. Abanye abadlali bakuleli abazithole kuleli qembu, uLinda Motlhalo noRefiloe Jane.
Ngesikhathi iSundowns Ladies ishaya amaphiko kwiSuper League, kube nokukhala nokugedla kwamazinyo, kwiCoal city Wizards neMa-Indies abagawulwe yizembe kulesi sigaba.
La maqembu asezoyibamba kwiSasol League ngesizini ezayo. Izikhala zawo zizovalwa yiLindelani Ladies yaKwaZulu-Natal neqembu elidle umhlanganiso kwiSasol League National Championships, i-University of Fort Hare yase–Eastern Cape.