UVULEKE amehlo umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, ngokudlala neChile yize ezakhe zigcine ziguqe ngo 2-1 emdlalweni wokuqala ngempelasonto.
Umdlalo wesibili wobungani naleli lizwe ukusasa ngo-3 ekuseni ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika.
IBanyana idlala le midlalo njengeyokuzicijela iWomen African Cup of Nations (Afcon) engenyanga ezayo ezweni elisazomenyezelwa.
Umdlalo wokuqala iBanyana iwuqede ingasaphelele ngemuva kokuthi uJermaine Seoposenwe ekhishwe ngekhadi elibomvu esiwombeni sokuqala. IBanyana likwazile ukuthola elokulinganisa elishaywe uRefiloe Jane kwaba wu 1-1. Umdlalo usuya ngasekupheleni iChile ithole iphenathi.
“Angijabule ngomphumela kodwa ngichazekile ngendlela esidlale ngayo. Ukube asilitholanga ikhadi angazi bekuzokwenzakani. Abadlali bami bakhombise ukuvuthwa ngoba umdlalo besiwuphethe okusho ukuthi sikwazile ukumelana neChile. Ngokwezinga lokudlala bayalingana neNigeria, Cameroon neGhana. Kuwukuthi la mazwe wona agabe nangezikhwepha. Nalapha abadlali bami kudingeke ukuthi baqaphele uma bephethe ibhola okuyinto engicabanga ukuthi bakwazile ukumelana nayo yize zisekhona izindawo okumele sizilungise,” kusho * -Ellis kwi-safa.net.
Amazwe abalwa * -Ellis ngamanye iBanyana engase iqhathwe nawo kwi-Afcon. Amanye iMali, Equatorial Guinea, Algeria neZambia. Kula mazwe ayisishiyagalombili kumele kuphume amathathu azomela i-Afrika kwiNdebe yoMhlaba eFrance ngonyaka ozayo.
Unozinti weBanyana, uKaylin Swart uthe:
“Silwile ngoba besikwazi okumele sikulindele. Lowo moya wokulwa sizoya nawo emdlalweni wesibili, ikakhulukazi njengoba sesazi kahle ukuthi bayiqembu elinjani. Kodwa siphoxekile ngokuthi basihlulile. Kumele sisebenzise wonke amathuba esizowathola.
Kusemqoka ukuthi sibe bukhali phambi kwamapali,” kusho uSwart.