Jwaneng Galaxy (0) 0
Orlando Pirates (1) 2
I-ORLANDO Pirates izibeke ethubeni lokwedlulela esigabeni samaqoqo ishayela ekhaya i-Jwaneng Galaxy yaseBotswana emdlalweni womlenze wokuqala womzuliswano wesibili wokuhlungela amaqoqo eCaf Champions League obudlalelwa eGaborone Stadium, eGaborone, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli enqobe ngawo iPirates kulo mdlalo avalelwe phakathi yisethenjwa somgadli, uTshegofatso Mabasa, sekusele amanenjana ziye ekhefini. Elesibili libekwe enethini nguDeon Hotto ngesiwombe sesibili.
Ukunqoba kwePirates kulo mdlalo kwenyuse ithemba ngokubuyisa kwayo izinduku kuleli qembu laseBotswana elasheshe laqeda uhambo lwayo kulo mqhudelwano kuwona lo mzuliswano ngesizini edlule.
IGalaxy yanqoba ngo 1-0 ekhaya, nePirates yanqoba ngo 1-0 ekhaya. Kodwa iGalaxy yadlulela esigabeni samaqoqo ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
Ngakho ukunqoba kwePirats kulo mdlalo kuyibeka ethubeni elingcono kakhulu lokuqedela umsebenzi emdlalweni womlenze wesibili ozoba se-Orlando Stadium, eSoweto, ngoSepthemba 21.
Esikimini sePirates esiqale umdlalo kubonakale okokuqala uDeon van Rooyen ongomunye wabadlali ebasayinise ngaphambi kokuqala kwesizini, esuka kwiStellenbosch FC.Kuphinde kwabonakala nomgadli osemncane uBoitumelo Radiopane obebolekiswe kwiCape Town Spurs ngesizini edlule emuva kokugila izimanga kwiDStv Diski Challenge. Ungene endaweni kaMabasa ngesiwombe sesibili.
EZimnyama, ezikhombise ukuba phezulu ngomdlalo ngesiwombe sokuqala, ukuhlasela kwazo kuthele izithelo ngesikhathi uMabasa evalela phakathi igoli ngomzuzu ka-47 wesikhathi ebese ngezwe ngunompempe.
Nakuba iGalaxy ikhombise ukuba yiqembu elingcono kakhulu ngesiwombe sesibili, kodwa ukuthola igoli lesibili kweZimnyama kwandise umqansa kuleli qembu ebelidlalela ekhaya. UHotto uqedele ibhola ebeliqhamuke noPatrick Maswanganyi ngomzuzu ka-77. IGalaxy idinga ukushaya amagoli amathathu, ingangenelwa lutho kowomlenze wesibili ukuze izodlulela esigabeni samaqoqo eChampions League.
Khonamanjalo, iSekhukhune United ikhale ngaphansi ngo 1-0 kwiLunda Sul FC yase-Angola emdlalweni womlenze wokuqala wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo seCaf Confederation Cup ekuhambeni. Umdlalo womlenze wesibili uzoba seNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoSepthemba 21.