IMIDLINZO nokunukana ngokuthakatha emndenini, kutholakala amathambo ‘kababa wekhaya’, ehlathini eliseduze komuzi wakhe okuthiwa besekuphele iminyaka ewu-15 kwabikwa ukuthi unyamalele.
UMnuz Themba Njapha (87) waseNkanyisweni, eMbumbulu, kuthiwa umndeni bewusumcinge wahlanza ngedela kusuka ngoNovemba 2009, kanti ubesenzelwe ngisho imicimbi yesintu yokumkhuphula.
Ngesonto eledlule, ligaye ngomunye umhlathi emndenini wakwaNjapha, umzingeli okuthiwa ubezicuphela izinyamazane ehlathini elisendaweni esawa ngezansi komuzi, ezithela phezu kwamathambo elaliswe ehlokozini, wahlaba umkhosi.
UMnuz Dalisu Njapha ongowomndeni, uthe basondelile ukuzozibonela isimanga, bathola ukuthi izinsalela nebala ezikayise emva kokubona izimpahla ayenyamalale ezigqokile.
“Wayegqoke ibhulukwe lesisosha, isikibha esibomvu namabhuzu. Yize isikibha besingasabonakali kahle, kodwa ibhulukwe namabhuzu bekugqamile okwenze kwabalula kithina ukubona ukuthi amathambo akhe. Sizolinda imiphumela yolibofuzo njengoba kuthathwe igazi kwamanye amalungu omndeni, nakuba singangabazi ukuthi wuye,” usho kanje
Uveze ukuthi atholwa nje, kuvele kukhona ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwemindeni yoyise njengoba yakhelene, kanti kunezinsolo eziqinile zokuthi abesendlini kayise omncane kukhona abakwaziyo ngokunyamalala kukayise, aveze ukuthi umgilwa unguyise omdala olamana namzalayo. Kuthiwa yomithathu imizi yoyise yakhelene kangangoba ihlukaniswe wuthango, kanti isimo sibe muncu kakhulu emva kokutholwa kwamathambo.
Elandisa Isolezwe ngezinsolo abanazo, uthe ngosuku olwandulela okwalahleka ngalo umufi, emzini kayise omncane kwakunomcimbi owawungaqondakali, kufike izangoma. Kwathi ngakusasa umufi wanyamalala wangaphinde watholwa, wathungathwa kwaze kwayekwa.
Ugcizelele ukuthi okuqinisa izinsolo ezithi wabulawela endaweni okutholakale kuyo amathambo - okukholakala ukuthi awakhe - iyenyukela kakhulu, njengoba eminyakeni ayesekuyo wangesenawo amandla okuhamba endaweni enjalo ngenxa yokukhula. Uveze ukuthi kunesipikili esingene ethanjeni, nocingo abasola ukuthi waboshwa ngalo, kanti izinsalela zitholwe zidindilizile, okukhombisa ukuthi wayengagqitshiwe.
Uthe emva komhlangano womndeni awubize ngo-Ephreli kulo nyaka - ohlanganisa izindlu ezintathu zoyise - zaqina kakhulu izinsolo zokuthi wenzakaliswa.
“Kulowo mhlangano, kwavela ukuthi izangoma ezazikhona zazizoqinisa igceke ngoba kuthiwa kunomuntu omubi emndenini obathakathayo. Bathi bacupha kanti izangoma zaveza ukuthi owenza lokhu kukhona okuzomehlela, okuthe ngakusasa kwanyamalala ubaba,” kusho yena.
Uthe okubadidayo ngisho sekutholwe amathambo, uyise omncane akazange alubhade ukuzobabaza nje ekubeni sekunguyena kuphela koyise osadla anhlamvana.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMbumbulu, avule idokodo lophenyo ngokufa komuntu.