Marumo Gallants (1)1
Kaizer Chiefs (1)2
IKaizer Chiefs ithele muva njengembumba iqoqa amaphuzu amathathu kwiMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership wokuqala wesizini ka-2024/2025 eFree State Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ebusuku.
Amagoli eChiefs ashaywe nguMduduzi Shabalala noMfundo Vilakazi esiwombeni ngasinye. UChristopher Sithole ubekade ebeke phambili iGallants umdlalo usanda kuqala.
Lona bekumdlalo wokuqala womqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi waseTunisia, othweswe ijoka lokubuyisela iChiefs esicongweni. Lo mqeqeshi ucacise zibekwa kulo mdlalo ukuthi ufuna okuhlukile ngokuqalisa abadlali abasha okukhona kubona u-Inacio Miguel, Gaston Sirino, Fiacre Ntwari, Rushwin Dortley noBradley Cross. Akubuzwa ukuthi ibhola elidlalwe yiChiefs kulo mdlalo nokuqoqa amaphuzu amathathu emdlalweni wokuqala, kumakhele ugazi kubalandeli uNabi okubhekwe lukhulu kuyena.
Amakhosi, abekade agcina ngo-2019 ukuwina umdlalo wokuqala weligi, awuqale kahle umdlalo, ehlasela ngomfutho. Nokho kube yiwona alilande kuqala ibhola enethini ngesikhathi ishodi likaSithole lishayisa kumdlali weChiefs lingena phakathi ngomzuzu wesishiyagalombili. Emuva kwaleli goli, iChiefs iqhubekile nokuhlasela, kubhoke kakhulu uSirino obephaka amabhola ayingozi kubadlali baphambili. Kugcine kuyilungele ngomzuzu ka-17 ngesikhathi uShabalala eqisa ibhola phezu kukanozinti, uWashington Arubi, liyongena enethini. Emuva kwalokho, u-Arubi ulimalile, endaweni yakhe kwangena uDaniel Akpeyi obhekane namabhola amaningi anzima.
Esiwombeni sesibili, iChiefs iqhubekile nokuhlasela kodwa ibihluleka uma isifike phambili. Akukho okutheni obekuhlupha unozinti weChiefs, uNtwari, nakuba iGallants ibihlasela. Ngomzuzu ka-76, uJoseph Molangoane uthole ikhadi elibomvu kulandela ukudlalisa kabi uWandile Duba eseyobhekana no-Akpeyi. Emuva kwemizuzu emine, uVilakazi ushayele iChiefs igoli lesibili emuva kwebhola eligingqwe nguWandile Duba kwesokunxele.