SICHITHIWE isicelo sesiboshwa uThabo Bester sokugunyazwa ukusebenzisa i-laptop sisejele.
Lesi siboshwa esidonsa udilikajele ngamacala okudlwengula nokubulala, njengamanje sibhekene necala lokweqa ejele ngonyaka odlule.
UBester unikele enkantolo ngoLwesibili, efaka lesi sicelo ngenhloso yokuzilungiselela ukuqulwa kwecala lokweqa kwakhe ejele ngoFebhruwari, wangonyaka ozayo.
Le nsizwa iqome ukuzimela yona enkantolo, inxuse ijaji ukuba livume ukuthi ithole i-laptop, yaze yabeka nokuthi igadwe ngeso lokhozi ejele, ngakhoke akukho okubi nokungale komthetho engakwenza uma ithola lokhu kuphela izolandela yonke imigomo ebekelwe yona.
“Angitholi ngisho iphephandaba, anginawo umsakazo, anginalo iwashi, angazi nokuthi isikhathi sini, yindlela engiphile ngayo ezinyangeni eziwu-16 ezedlule” kusho uThabo Bester ezikhalela ejajini.
Uqome ukuzimela enkantolo uThabo Bester ngesicelo sokugunyazwa ukusebenzisa i-laptop ejele ukulungiselela ukuqulwa kwecala lakhe @IsolezweNews pic.twitter.com/Qw424Cdcfp
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) September 17, 2024
Uzwakale ekhushukelwa wushukela uBester ngesikhathi ijaji limtshela ukuthi akanalo ilungelo lokuba ne-laptop.
“Awunalo ilungelo ngokoMthethosisekelo lokuba ne-laptop ne-mordem,” kusho ijaji.
UBester uphendule ijaji ngokuthi liyenzelela.
Ubonise ukuzethemba uBester echaza udaba lwakhe ebala namazwe ahlukahlukene okuthiwa ama-laptop ayasetshenziswa emajele... yize kunjalo, inkantolo ithe cha hhay namhlanje, hhay lapha. Phola vuthondaba @IsolezweNews pic.twitter.com/sMsKmypWq6
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) September 17, 2024
Inkantolo isikhahlelile isicelo sakhe ngokuthi akukho semthethweni ukuba athole lezi zinto azifunayo.