Mamelodi Sundowns (0) 2
SuperSport United (0) 0
LUSELUDE ukhalo okusafanele luhanjwe yiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuthi ifike lapho umqeqeshi wayo, uManqoba Mngqithi, afuna khona.
Lo mqeqshi ukusho lokhu kulandela ukuvula kwezakhe i-Betway Premiership ngewini komakhelwane iSuperSport United ngoLwesibili ebusuku, eLoftus Versveld.
Inkundla ivulwe u-Iqraam Rayners, ngegoli esiwombeni sesibili kwadlula imizuzu embalwa, uLucas Ribeiro, washaya elesibili.
“Kusafanele sikhuphule ekusebenziseni amathuba esiwakhayo ngakho-ke ngineme kodwa hhayi ngakho konke,” kusho uMngqithi kwiSuperSport.
“Abangene esiwombeni sesibili benze lokhu ebesikubheke kubona kwazise besivele sihlelile ukubafaka ngaso,” kusho uMngqithi ejobelela ngokuthi luselude ukhalo yize ejabule.
Kube sengathi umdlalo uzovutha kwazise iSundowns ikhombise ukuhlangana zisuka kubhoke uMarcelo Allende noRibeiro kodwa kwabuye kwadamba lokhu kwaze kwaba siyasongwa isiwombe sokuqala.
Ukungena kukaThemba Zwane, Aubrey Modiba noTashreeq Matthews, kuguqule izinto esiwombeni sesibili kwaze kwavela namagoli, elikaRayners noRibeiro ngomzuzu ka-62 noka-65 ngokwahlukana.
Ukungena kwalaba badlali kushintshe umdlalo kwabonakala iSundowns ejwayelekile.
Kusasele amahora ukuthi umdlalo uqale, amahemuhemu okushiywa ngaphandle kukaKhuliso Mudau noTebogo Mokoena, bese kuvele kusematheni.
Nangempela bobabili laba badlali beBafana Bafana bebengekho ngisho ebhentshini lapho kuqale khona uModiba noZwane.
Ngaphambi kokuqala komdlalo uMngqithi uthe imbangela yokungasiguquli isikimu kulesi aqale ngaso owomlenze wokuqala weCaf Champions League neMbabane Swallows yaseSwatini ngempelasonto edlule, ukuthi ubengasiboni isidingo.
“Indlela esidlale kahle ngayo koweMbabane iyona esikhombe esikimini esiqale ngaso lo mdlalo,” kusho yena kwiSuperSport.
“Uma singekho isidingo sokushintsha ekubeni wazi ukuthi ugabe ngazo zonke izikhali ozidingayo uma uhlangabezana nenkinga, akufanele ushintshe.
“Yebo, besibhekene neMbabane kwiChampions League kodwa okuningi ebesilokhu sikuzama kusukela kuqale isizini kuvele kwahlangana.
“Ngenxa yalezi zizathu, sibone singekho isidingo sokulungisa into engadingi ukukhenikhwa,” kusho uMngqithi.
U-Andre Arendse obesebhentshini leSuperSport, ukwamukele ukuthi iSundowns ibingcono kunabo.
ISundowns izobuyela enkundleni ngoMgqibelo kowasekhaya weChampions League neMbabane, ngo-6 ntambama eLucas Moripe Stadium.