KUGONYULUKE nabanye abazali baveza ukuthi uthisha, obhekene necala lokudlwengula umfundi oneminyaka engu-17, ophila nokukhubazeka, useke wanzakalisa nezingane zabo.
Lokhu bakuveze izolo, ngesikhathi bebhikisha ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMlaza, lapho obekuvela khona uthisha.
Laba bazali amagama abo agodliwe bathe bafuna ubulungiswa futhi bahlela ukuvula amacala ebese bebona ukuthi amacala angengezwe yini kuleli elilodwa lokudlwengula uthisha abhekene nalo.
“Sonke sizovula amacala manje ukuze kuzobonakala ukuthi le ndoda ezibiza ngothisha seyone kangakanani,’’ kusho umzali.
Omunye umzali uveze ukuthi usanda kutshelwa yingane yakhe ukuthi nayo wayidlwengula esafundisa kwesinye isikole ngaphambi kokuba ezofundisa esikoleni akusona.
Lo thisha ofundisa esikoleni sabanokukhubazeka esiseThekwini, kuthiwa wadlwengula umfundi ophila nokukhubazeka emagcekeni esikole esigamekweni okuthiwa senzeke ngenyanga eyedlule.
Lokhu kuthiwa kuholele ekutheni umfundi angabe esaya kuMkhosi woMhlanga obukade ungempelasonto esigodlweni saseNyokeni, KwaNongoma.
Unina womfundi okusolakala ukuthi wadlwengulwa, uthe unengwe ngowesifazane ogane uthisha ofike kuyena ngeledlule, wamcela ukuba ahoxise icala ebese bayaxoxa ngokuthi kungaba yimalini abangayikhokha.
Uthe umphendule ngokuthi akazi ukuthi uye ubize malini umqhoyiso wokudlwengulwa futhi ubengakaze engezwa ngawo ngaphambilini.
Kunenkulumo eqoshiwe (Voice Note) okukhuluma khona iphimbo lowesilisa okukholakala ukuthi ngelikathisha elizwakala kanje:
“Ngiyakucela phela we.....(emgagula ngegama umgilwa) ungaluvezi lolu daba lokuthi ngilale nawe. Phela mntanami uma wenze kanjalo uzongiphelela umsebenzi wokuba nguthisha bese kulamba umndeni wami,’’ lizwakala kanje iphimbo.
Yile Voice Note athi unina kamgilwa wathola ngayo ukuthi ingane yakhe idlwengulwe nguthisha.
Uthe kulapho asukuma khona waphuthumisa ingane esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial abafike baqinisekisa ukuthi ngempela idlwenguliwe ingane.
Uveze ukuthi utholile ukuthi bese kuyizikhawu eziningana uthisha edlwengula umgilwa esikoleni.
“Sengize ngakhetha nokuthi ngimkhiphe umntwana wami esikoleni,’’ echaza.
Uthe akufunayo ubulungiswa okuzoholela ekutheni abhadle ejele inguna phakade uthisha ngakwenzile.
Ubalise ngokuthi ingane yakhe angeke isalubhada eMkhosini woMhlanga ekubeni beyiwukhonzile.
Ngaphandle kwenkantolo bekukhona idlanzana ebelibhikisha liphethe izingqwembe ebezinemibhalo ehlukene. Eminye yazo ibithi Phansi ngothisha ongumdlwenguli! Asibafuni othisha abadlwengulayo! Mababoshwe abadlwengula izingane zethu!
Ngaphakathi enkantolo umshushisi elingatholakalanga igama lakhe utshele imantshi ukuthi kunophenyo olusaqhubeka mayelana naleli cala. Imantshi ibe seyilihlehlisela u-Okthoba 15, nonyaka.