NJENGOBA zonke izindlela ematshitshini akuleli zibheke kwindumezulu yomkhosi waminyaka yonke, uMkhosi woMhlanga oqeda iminyaka ewu-40 wavuselelwa esigodlweni saseNyokeni, KwaNongoma, iyaqaqamba inhliziyo yomfundi (17) wasesikoleni sabanokukhubazeka eThekwini.
Lo mfundi esingeke silidalule igama lakhe ngenxa yokuvikela isithunzi sakhe, useneminyaka ehamba lo mkhosi kodwa kulo nyaka ngeke aye kulandela ukudlwengulwa esigamekweni okusolwa kuso uthisha wakhe.
Lo thisha kuthiwa uqale ukudlwengula lo mfundi kulo nyaka izikhawu eziningi ngaphambi kokuthi unina athole ngalo mkhuba kathisha. Unina wale ntombazane ehlala eningizimu neTheku, uthe indodakazi iphatheke kabi kakhulu ngokungakwazi ukuhlanganyela nezinye izintombi ekubeni kade yalilungiselela lolu suku njengoba beyize yathenga nemvunulo.
Umzali (40) uthe waqala ukushaya amakhala ukuthi kukhona okungahambi kahle enganeni yakhe ngesikhathi ebona othisha bemncisha amehlo ngesikhathi ezolanda umntwana wakhe kulesi sikole okufundelwa khona imisebenzi yezandla.
Uthe ngaphambi kokuba abuyele ekhaya nomntwana kwaqala kwaba nomhlangano omude phakathi kweziphathimandla zesikole nendodakazi yakhe.
"Wathi sewuphelile umhlangano wothisha nengane yami, ngambuza umntwana ukuthi bekukhulunywa ngani, wathi bebemkhumbuza nge-homework."
Uthe yena waze wathola ukuthi ingane yakhe idlwengulwe wuthisha ngoba uthisha esethumelele indodakazi yakhe umyalezo nge-voicenote, eyinxusa ukuba ingavumi ukuthi ubezitika ngayo ngocansi.
Umzali uthe uthisha wabuye wamfonela umntwana emnxenxa ukuba aze angalokothi avume ukuthi bake baya ocansini ngoba uzolahlekelwa yitoho bese nomfundi exoshwa esikoleni njengoba kungavumelekile ukuya ocansini nentombazane eneminyaka engaphansi kuka-18. Isolezwe Ngempelasonto liwuzwile umyalezo nezinkulumo zikathisha, esabisa ngokuthi uzozibulala uma lo mfundi evuma esikoleni ukuthi walala naye.
Umzali uthe wathatha indodakazi yakhe wayiyisa esibhedlela ePrince Mshiyeni Memorial, eMlaza lapho kwatholakala khona ukuthi indodakazi ilaliwe. Uthe wabe esevulela uthisha icala lokudlwengula khona esibhedlela ngo-Agasti 12.
Umzali uthe ufuna uthisha abolele ejele ngalesi senzo sakhe ngoba indodakazi yakhe beyihamba uMhlanga futhi ibisithenge nemvunulo njengoba amabombo ezintombi zonke ebheke eNyokeni, KwaNongoma ngale mpelasonto. Uthe okumphethe kabi ukuthi indodakazi yakhe beyizimisele ngokuya eMhlangeni ngoba beyibukhonzile ubuntombi bayo.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uthisha osolwa ngokunukubeza lo mfundi ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela futhi kulindeleke ukuba ayobingelela iNkantolo yeMantshi yaseMlaza, esigcemeni sakwaGG ngoMsombuluko.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal nokhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe ayiphumelelanga kusukela ngoLwesine kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.