ISAKHAMUZI saseNigeria siboshelwe ukutholakala nezidakamizwa ebizithusheke kuma-headphones esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, eGoli.
Le ndoda okuthiwa idayisa izimpahla emgwaqweni iboshwe ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi yehla endizeni ebikade isuka eSao Paulo, eBrazil izothatha enye ilibangise eNigeria.
Lo mlisa waseNigeria kuthiwa wehle endizeni wahlangana nomsebenzi ohlanza le ndawo wanikeza yena lama-headphones asetshenziswa endizeni.
Amaphoyisa asole ukuthi kukhona okushaya amanzi phakathi kwalaba bobabili asondela, aqaqa lama-headphones athola icocaine igxishwe phakathi.
Kuthiwa lo msebenzi ukwazile ukuphunyuka kulesi sidididi wadla phansi njengoba ethungathwa amaphoyisa.
Amaphoyisa athi umsolwa ungomunye wabantu abayisishiyagalolunye ababoshwe kulezi nyanga ezimbili betholwa nezidakamizwa ezingabiza ngaphezu kukaR13 million. Leli nani lifaka phakathi neCocaine engabiza uR12 million eshaqwe e-OR Tambo International Airport.
UKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemola uthe iNingizimu Afrika akuyona inkundla yokugcwaneka izigebengu.
Ushayele ihlombe amaphoyisa abophe umsolwa wagcizelela ngokuthi izaphulamthetho zizobhekana kanzima nengalo yomthetho.