Kuvela izindaba ezingemnandi ngokuphuka fahla kwenjini yeBafana Bafana, uSiphephelo “Yaya” Sithole, emdlalweni waleli qembu neSouth Sudan ku-Group K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon).
Nakuba ithimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) lingayiphenduli imibuzo yeSolezwe ngokulimala kukaSithole kodwa amanye amakhasi ezinkundla zokuxhumana zama-website ebhola abese evele eqalile ukubika ngakho ngoLwesithathu ekuseni.
USithole (25) ukhishwe ngohlaka umdlalo usuyela ngasemaphethelweni kulandela ukudlaliswa kabi ngumdlali weSouth Sudan kodwa unondweba waseNigeria obephethe umdlalo wanika (uSithole) ikhadi eliphuzi.
Ukulimala kukaSithole yikhona okuvulele ithuba, uThalente Mbatha, ogcine eyiqhawe leBafana inqoba kwiSouth Sudan ngo 3-2 eJuba International Stadium.
USithole ulimala nje, usanda kujoyina iGil Vicente edlala esigabeni esikhulu sasePortugal.
IBafana izotheleka kuleli namuhla (ngoLwesithathu) ebusuku okuyisikhathi okulindeleke ukuthi kucace ngaso okuningi ngokulimala kwalo mdlali omqoka kuHugo Broos. ISafa ikuqinisekisile ukuthi izothola uma isifike eMzansi ukuthi uSithole ulimele kangakanani.