ABASOLWA abangu-14 abaneminyaka ephakathi kuka-34 no-59, baboshwe ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wophiko lwezobunhloli oluqhutshwa yithimba elihlanganisa i-Directorate for Priority Crime Investigation Mpumalanga, Road Traffic Management Corporation neCrime Intelligence eSabie, Graskop, Lydenburg naseVerena, esifundazweni iMpumalanga.
Laba ababoshiwe bayizikhulu zomgwaqo okuhlanganisa, amaphoyisa omgwaqo nomfundisi wesikole sokushayela, babekwe amacala okukhwabanisa, inkohlakalo nokwephula umthetho kazwelonke wezokuthutha emgwaqweni.
Ukuboshwa kwabo kulandele uphenyo lophiko lwezobunhloli oluqhutshwa yithimba elihlanganisa i-Directorate for Priority Crime Investigation Mpumalanga, Road Traffic Management Corporation kanye ne-Crime Intelligence, mayelana nabahloli bamalayisensi okushayela abasebenzisana nabanikazi bezikole zokushayela ukuze banikeze abafundi amalayisensi okushayela kulabo ababefake izicelo ngaphandle kokulandela imigudu efanele, ukungahlolwi abashayeli ngendlela ejwayelekile nokusiza abafake izicelo lapho bebhalela amalayisensi.
Uphenyo lwaqala ngonyaka u-2021, ulwazi olwatholwa yi-Crime Intelligence lwaholela i-Directorate for Priority Crime Investigation ukuthi ibhalise iphrojekthi ngaphansi kwegama elithi, Kwanele. Okuyiyona eyayisetshenziswa ukwenza uphenyo olungajwayelekile. Abasolwa bebesebenzela izikhungo zamalayisensi eSabie, Graskop, Lydenburg naseVerena, esifundazweni iMpumalanga.
“Ngesikhathi sokukhishwa kwama-learners licence, abafake izicelo bebesizwa noma banikezwe izimpendulo ngabahloli abebesebenzisana nabanikazi bezikole zokushayela ukuze kube lula umsebenzi. Amalayisensi okushayela kuthiwa anikezwa abafake izicelo ngaphandle kokuhlolwa ngemuva kokukhokha imali eshisiwe.”
Imvume egunyaza ukuboshwa kwabasolwa ikhishwe ngoMsombuluko, Septhemba 16, 2024, eziteshini zokuhlola ezehlukene kanye kanye. Abasolwa baboshwe, bathweswa amacala abanye bayiswa enkantolo ukuze bavele okokuqala kanti abanye bagcinwe esitokisini njengoba belindele ukuvela kwabo ngoLwesibili, Septhember 17, 2024.
Inhloko yesifundazwe yoKlebe, uMajor General Gerber no-CEO we-RTMC, bakuthokozele ukusebenzisana kwethimba elisebenze ngokuzikhandla ubusuku nemini, ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi uphothulwa ngempumelelo futhi konke okuhlosiwe kuyenzeka.Kuyenzeka.
NgoLwesibili kuboshwe amanye amaphoyisa omgwaqo angu-13 ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo iNelspruit,Kabokweni, KwaNyamazane,White River naseCalcutta. Abanye balaba basolwa bavele enkantolo badedelwe ngebheyili ephakathi kukaR2500 noR10 000.