LIZOQALA uhambo olusha nokaputeni omusha iqembu lesizwe le-netball kulandela isimemezelo esenziwe eGoli, ngoLwesithathu emini.
Inhlangano eyengamele ibhola lomnqakiswano kuleli, i-Netball South Africa, iqinisekise uKhanyisa Chawane njengokaputeni omusha wama-Proteas, u-Karla Pretorius waqokwa njengephini lakhe.
UChawane uthathe izintambo zobuholi kuBongiwe Msomi, ohole leli qembu kusukela ngo-2016, kwaze kwashaya uDisemba nyakenye. Ngalesi sikhathi iqembu labamba iqhaza eNdebeni yoMhlaba eyayiseLiverpool ngo-2019, neyayibanjelwe kuleli nyakenye.
UChawane waqala ukudlalela iqembu lesizwe ngo-2018 futhi wayekhona ngesikhathi lidlala eNdebeni yoMhlaba ngo-2019 nanyakenye.
"Ngizizwa ngithobekile futhi ngihloniphekile ukuqokwa njengokaputeni wama-Proteas. Kuyinto ekhethekile ukuhola iqembu elinabadlali abanekhono futhi abazinikele. Ngijabule kakhulu ngokubhekana nale nselelo entsha nangethuba lokusebenzisana nabaqeqeshi nozakwethu ukuze siphumelele,” kusho uChawane.
“Ngizimisele ukuba yisibonelo esihle ngokukhombisa intshisekelo nobuqotho. Ngilubheke ngabomvu lolu hambo olusha futhi ngifuna ukwenza iNingizimu Afrika iziqhenye.”
Umqeqeshi wama-Proteas, uJenny van Dyk, uthe kubathathe isikhathi ukuthi bamemezele ukaputeni ozovala isikhala sikaMsomi ngenxa yokuthi bebefuna ukuqunisekisa ukuthi bakhetha umdlali ofanele.
“Akusona isinqumo esisithathe kalula. Ngokwami into esemqoka kakhulu yindlela umdlali asebenza ngayo enkundleni. Sifuna ukaputeni kube wumdlali ojwayele ukuba phakathi enkundleni ngoba yilapho kufanele ahole khona,” kusho u-Van Dyk.
“Siyethemba ukuthi u-KC (Chawane) uzohola ngobuqotho futhi uzokwesekwa wumdlali onamava, uKarla.”
Ama-SPAR Proteas azongena ekhempini ngo-Agasti 14 ukuzolungiselela imidlalo elandelayo okubalwa kuyona neSPAR Challenge ezoqala ngo-Okthoba.
Khonamanjalo: I-Netball South Africa iphinde yadalula ukuthi isayine inkontileka entsha yeminyaka emine nabaxhasi i-SPAR. Lesi sivumelwano esisha sichaza ukuthi ubudlelwano phakathi kwe-NSA ne-SPAR buzophela ngo-2028.