SIFISA ukuthi iqembu lenze kangcono emqhudelwaneni olandelayo weWorld Sevens Series ozoba seVancouver, eCanada, kule mpelasonto isilomo seqembu lesizwe labesilisa , uRosko Specman.
AmaBlitzbokke ayivula kahle isizini ka-2023/24 enqoba isicoco saseDubai ngasekuqaleni kukaDisemba, nokho u-2023 awusonge kabi kulandela ukuqeda endaweni yesithupha edlalela ekhaya, eKapa.
Awuqale ngebatha nalo nyaka ngesikhathi elala endaweni yesihlanu emqhudelwaneni obusePerth, e-Australia, ngenyanga edlule.
Iqembu likaSandile Ngcobo lisendaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu angu-42. Lisele ngamaphuzu angu-16 kweliqhwakele, i-Argentina.
“Abaqeqeshi bethu, uSandile (Ngcobo) noPhilip (Snyman) banamaqhinga aqondene nazo zonke izimbangi ezikhona kulo mqhudelwano wethu. Uma singagxila kulezi zinhlelo nginesiqiniseko sokuthi imiphumela emihle izolandela,” kusho uSpecman.
“Sikubonile lokho eDubai futhi ngikholwa wukuthi singakuphinda eCanada. Sinabadlali abanolwazi olunzulu, abangasisiza ukuthi siphumelele.
“Uhlelo lwethu lomdlalo yilona oluveza izikhala enkundleni. Sonke kumele siqonde ukuthi ibhola yilona elivula izikhala, hhayi umuntu. Uma singakukhumbula lokho sizobe simamatheka ekupheleni kwesizini.”
AmaBlitzbokke akuPool A lapho ezovula khona neNew Zealand ngoLwesihlanu ngo-11.52 ebusuku. Umdlalo wesibili azowudlala ne-Great Britain ngoMgqibelo ngo-4.56 ekuseni bese evala ne-Ireland ngoMgqibelo ngo-11.05 ebusuku.
Khonamanjalo, umdlali weqembu lesizwe labesifazane leSevens, uMarlize de Bruin, uthe nabo bahlose ukukhubhukula eVancouver.
IMbokodo iqede endaweni ka-10 emqhudelwaneni wokuqala eDubai, yaqeda kweka-12 eKapa, yaphinde yabuyela kweka-10 ePerth.
EVancouver izovula ne-Ireland ngoLwesihlanu ngo-10.36 ebusuku, ibhekane neNew Zealand ngoMgqibelo ngo-3.06 ekuseni, ivale neBrazili ngoMgqibelo ngo-8.59 ebusuku.
“IBrazil isihlule ngo 7-0 ePerth kodwa sesiwubuyekezile umdlalo. Saphuthelwa yithuba lokunqoba omunye umdlalo kulo mqhudelwano. Ngingafunga ukuthi ngeke siphinde senze amaphutha afanayo. Sinezinhloso ezicacile ngalolu hambo ezihlanganisa ukunqoba imidlalo enkundleni,” kusho uDe Bruin.