USULE izinyembezi kubathandi besibhakela, uPhumelele "The Truth" Cafu enqoba i-WBO World Super Flyweight empini ashaye kuyo uKosei "Dream Boy" Tanaka waseJapan ngoMsombuluko.
Leli nxele laseDuncan Village, e-Eastern Cape, linqobe ngamaphuzu kule mpi ebisekuhambeni nobekugcwele phama kuyo.
Liphuce uTakana lesi sicoco abesinqobe ngoFebhuwari, kuChristian Rangel waseMexico.
UCafu oqeqeshwa uColin Nathan, ungene eringini iNingizimu Afrika ingasenaye umpetha ophethe elinye lamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke.
Lokhu bekwenzeke ngenxa yokuthi ngoLwesihlanu olwedlule, uSivenathi "Special One" Nontshinga, ephucwe uMasamichi Yabuki wakhona eJapan, ibhande le-IBF Junior Flyweight.
UCafu noNontshinga bebehambe noColin ukuya kuleliya lizwe.
Ibhokisa lokuqala lakuleli ukuphatha i-WBO kwaba uDingaan "The Rose of Soweto" Thobela. Wayinqoba ngo-1990, esisindweni seLightweight.
Kwalandela uCorrie “Sniper” Sanders owayithatha ngo-2003, eshaya isiqhwaga uWladimir “Dr Steeelhammer” Klitschko Ukraine.
Ngemuva kokuthi uSanders aphucwa yona kwathatha iminyaka ewu-14 ukuthi uZolani “Last Born” Tete aphinde ayinqobe. Kumanje udonsa isigwebo sokutholakala nesikhuthaza-mzimba esingavumelekile egazini.
Okugqame empini kaCafu noTanaka ukuthi bebekhipha izibhakela ebeziqinile futhi zishesha. Kugqame nokuba fithi kwabo bobabili. Ubufakazi balokhu ukuqala nokuphela kwempi kungekho obebonakala enezimpawu zokukhathala.
Emizuliswaneni emine yokuqala akukho okutheni abakwenzile.
UCafu uqale ukubhukula ngowesihlanu, ededela isibhakela esihlale emhlathini wesokunxele, wakhala phansi uTanaka. Kubhekwe kowesi-12 laba bashayizibhakela bese bebeshukana ngenqindi, kunzima ukuqagela ukuthi ubani ozonqoba.
Kowokugcina kucishe kwaphela ngoCafu, usizwe ukusibamba isitha sakhe. Amajaji abehlukene ngamaphuzu, njengoba elokuqala liyinike uCafu 114-113, elesibili layinika uTanaka ngo 114-113, elesithathu lanika owakuleli ngo 114-113.