SEBEPHINDE baba sematheni abethuli bohlelo i-Podcast & Chill with MacG olusakazwa kwiYoutube ngemuva kokuthi umculi uNkosazana Daughter efuna isinxephezelo sika-R13 million ngenkulumo okuthiwa bayenza ethi ingane yakhe encane ngekaMaster KG, hhayi uSir Thrill.
Ukuba sematheni kwalaba kusukela embikweni weSunday World wokuthi uNkosazana Daughter ufuna isinxephezelo ngenxa yokuthi kulolu hlelo kwathiwa waba nobudlelwano noMaster KG isoka lakhe elingumculi uSir Trill, lingazi.
Kuthiwa bathi uMaster KG nguyena uyise wengane, hhayi uSir Trill.
UNkosazana Daughter kubikwe ukuthi ufake amaphepha eNkantolo enkulu yaseGoli, ngesonto eledlule, efuna le mali kuMacG, Sol Phenduka noDuduzile Methula ongumdidiyeli wohlelo.
Ngokwamaphepha asenkantolo, uNkosazana Daughter ukhala ngokuthi le nkulumo imbeka njengowesifazane ongathembekile, ongenasimilo futhi onamanga. Ukuphikile ukuthi wayelala noMaster KG, wathi le nkulumo ingcolisa igama lakhe.
Uthe ungowesifazane ozothile ohlala nesithandwa sakhe esihlonishwa ngozakwabo nasemphakathini.
Uthe abameli bakhe bazama ukubhalela oMacG ukuthi baxolise kodwa bamziba yingakho esefuna bahlawule.
Abantu bebephawula ngalo lolu daba enkundleni yokuxhumana i-X.
UHaositw Phiri uthe yiyiphi inkantolo lapho uNkosazana Daughter ezokwazi khona ukuqinisekisa ukuthi ulahlekelwe wu-R13 million ngenxa yokuthi uMacG ungcolise igama lakhe? Uthe akehlise umoya ngoba engase athole isixoliso kodwa, hhayi imali eyela esigidini.
UNota uthe uMacG usenkingeni futhi kumele azame ukuthi balulungise ngaphandle kwasenkantolo lolu daba ngoba alikho ijaji elizomzwela.
“Wacelwa ukuthi ahoxise inkulumo kodwa akagcinanga ngokunqaba kodwa wazikhukhumeza,” kusho yena.