LIBHEKE ukusebenzisa umqhudelwano wokugcina weWorld Rugby Sevens Series ka-2023/24 kule mpelasonto, ukuzibonakalisa ukuthi lisengelinye lamaqembu ahamba phambili emhlabeni iqembu lesizwe lakuleli lombhoxo we-Sevens.
AmaBlitzbokke aqede endaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu angu-68 emiqhudelwaneni eyisikhombisa edlaliwe kule sizini.
Akwazile ukuba semaqenjini ayisishiyagalombili azobanga isicoco iGrand Finale eMadrid, eSpain, kusukela kusasa emini kuze kube yiSonto.
Kule miqhudelwano eyisikhombisa elakuleli lifinyelele kanye kowamanqamu, ngesikhathi linqoba owokuqala owadlalelwa eDubai ngoDisemba nyakenye. Nokho, lingasibuyisa isithunzi uma lingase liphinde lenze kahle kulo mqhudelwano wokugcina.
“Singena kulo mqhudelwano sazi kahle kamhlophe ukuthi sihlele ukudlala kanjani kule mpelasonto. Uma singabambelela ezinhlelweni zethu singakwazi ukuthi siphinde sibe ngompetha eSpain, “ kusho omunye wabadlali asebemnkantshubomvu, uJustin Geduld.
“Izinga lokuzethemba liphezulu eqenjini ngoba sonke siyaqonda ukuthi sinalo ithalente elingasenza siphumelele. Izinto ziyahlangana futhi sonke siyabona ukuthi iqembu liyathuthuka.”
Ngaphandle kokulwela ukuqeda isizini ngokudla isicoco, leli qembu elicijwa nguPhillip Snyman libheke ukungena emgqigqweni omuhle njengoba lisazodlala umqhudelwano omqoka wokuhlungela ama-Olympic ngenyanga ezayo.
Kulo mqhudelwano ozoba seMonaco ngoJuni 21 kuya ku-23 amaqembu avela emazweni angu-12 angakazibekiseli indawo kuma-Olympic azobanga ithikithi elilodwa lokugcina lokuya eParis.
Kule mpelasonto eMadrid iqembu lakuleli lizoqala eyamaqoqo kuPool B lapho lizodudulana ne-Ireland kusasa ngo-2.37 ntambama. NgoMgqibelo lizobhekana neNew Zealand ngo-12.44 emini, lisonge eyamaqoqo neFiji ngo-3.49 ntambama.
Khonamanjalo, iqembu lesizwe labesifazane leSevens nalo lizobe likhona eMadrid, lidlala emqhudelwaneni wokuhlungela ukudlala esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo.
Imbokodo iqede endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-23 kule sizini, okuchaza ukuthi izoba ngelinye lamaqembu amane angenzanga kahle esigabeni esiphezulu osekumele abhekane namane aqhwakele kwesesibili.
Amaqembu amane azophuma phambili azodlala esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo, amanye amane ehliselwe kwesesibili.
Iqembu likaRenfed Dazel lizovula ne-Argentina kusasa ngo-12 emini bese libhekana neBelgium ngo-3.06 ntambama. Owokugcina wamaqoqo lizowudlala neBrazil ngoMgqibelo ngo-1.51 ntambama.