KUNGAKAPHELI ngisho inyanga iqalile isizini ka-2018/2019 kodwa amaqembu amathathu amele iKwaZulu-Natal kwi-Absa Prermiership -AmaZulu, Lamontville Golden Arrows neMaritzburg United- sekungashiwo kugcwale umlomo ukuthi aqale ngebatha kwazise aseshwebe izigidi ezibalelwa kuR9.5 million.
Lezi zigidi zivela uma kuhlanganiswa uR8 million ohlonyulwa yiqembu elihlabene ngesicoco seMTN8 noR1.5 million weQ Innovation, okuwuhlelo lwePremier Soccer League (PSL) lokuklomelisa iqembu elisuke liqoqe amaphuzu amaningi njalo ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili.
OkukaR8 million kusheshe kwahlala obala i-Arrows, eqeda endaweni yesishiyagalombili ngesizini edlule, ikhishwa yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 kuma-quarterfinal.
Lokho kusho ukuthi Abafana Bes’thende babuye noR800 000 kulo mqhudelwano.
IMaritzburg yona eqede endaweni yesine ngo-2017/2018 nobekungokokuqala emlandweni wayo, ikhishwe yiCape Town City ekhaya, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
OkwaMaZulu-ke khona kuphathisa ikhanda kwazise agcine engabonakalanga kwiMTN8 ngenxa yokudlala iPSL eyawakhipha endaweni yesishiyagalombili ngoba le nhlangano eyengamele ibhola elikhokhelayo isigixabeze iSuperSport United ngamaphuzu.
ISuperSport yahlomula ngamaphuzu ayinyusela phezulu ngemuva kwesinqumo sikamahluleli weSafa, uWilliam Mokhari SC, owayeqokwe yiPSL ukwengamela udaba lukaTendai Ndoro owadlala kwi-Ajax Cape Town kungafanele.
USuthu luzamile ukuyilwa indaba yendawo yawo kwiTop8 kodwa kwacaca ukuthi isiphingwe ngenkulu.
Eyokuphuma embangweni kaR1.5 million we-Q1 ivela ngezindlela ezimbili; imiphumela yemizuliswano emibili esidlaliwe nokushuba kweyisithupha ezayo.
IMaritzburg, obekuyiyo ebiyinkanyezi yeKZN ngesizini edlule, yiyo okubukeka ibhinjelwa kakhulu izinto.
Ivule isizini ngenduku ka 2-0 ibhaxabulwa yiyo i-Arrows kanye no 2-1 ewugaxwe yiFree State Stars.
NgoLwesihlanu iTeam of Choice ibibhekene nenye ingwadla kwiKaizer Chiefs nayo ebizingela ukunqoba okokuqala kule sizini.
Ngemuva kokuthela iMaritzburg ngo 2-0, i-Arrows ingenwe ngenduku yiBloemfontein Celtic ePrincess Magogo Magogo Stadium, KwaMashu.
Njengayo i-Arrows, Usuthu luqale kahle luhlula iBaroka ngo 1-0 kodwa kowesibili luchanyelwe ekhanda yiSuperSport ethathe indawo yalo kwiMTN8.
IMaritzburg ayikanqobi kodwa hleze kuyinike ithuba lokulungisa izinto ukuthi iyoze ibuyele ensimini ngoSepthemba 15. Kuyomele izibambe ziqine kwazise ibuya ngeBidvest Wits engagayelwa mphako kulezi zinsuku.
USuthu nalo luzodlala neFree Stats, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza kusasa neBidvest Wits ngo-Agasti 29 bese luhlala inyanga lungadlali luze lubuye ngoSepthemba 22 seluzobhekana neChiefs.
I-Arrows yona ingconywana kwazise namuhla izodlala neCape Town City eKapa bese ngo-Agasti 29 yamukela iPolokwane City ekhaya. NgoSepthemba 16 izobuya ngeHighlands Park.