UKHONJWA kwiSekhukhune United umdlali wasesiswini, uLesedi Kapinga, ochithwe yi-Orlando Pirates.
EZimnyama zikuqinisekisile ukuhlukana kwezindlela phakathi kwazo noKapinga ezamsayinisa ngaphambi kokuqala kwesizini edlule esuka kwiMamelodi Sundowns. Lo mdlali wajoyina iPirates enethemba lokuthola ijezi kwazise lalimeqa kwiSundowns kodwa kwagcina kungenzekanga. Ngesizini edlule, uKapinga udlale imidlalo engu-13 emiqhudelwaneni ehlukene. Njengoba iwindi lokubhalisa abadlali lizovala ngoLwesihlanu, kulindeleke ukuthi iPirates ihlukane nabanye abadlali okukhona kubona uZakhele Lepasa noKatlego Otladisa abalizwa ngendaba ijezi ngaphansi komqeqeshi, uJose Riveiro.
Umthombo osondelene noKapinga uveze ukuthi akhona amaqembu akhombisa intshisekelo ngalo mdlali.
“IPirates inikeze uKapinga incwadi elimkhululayo izolo. Kodwa watshelwa ngesonto eledlule ukuthi uzodedelwa. ISekhukhune United neSuperSport United ngamanye amaqembu amfunayo. Kuzocaca kulesi sonto. Kodwa kubukeka ezophelela kwiSekhukhune kwazise iyona ebeka okungcono etafuleni,” kusho umthombo.
Imenenja kaKapinga, uMushe Mudau, ivumile ukuthi akhona amaqembu abakhuluma nawo kodwa wenqaba ukuwadalula.
“Okubalulekile wukuthi uKapinga ajoyine iqembu elizomdlalisa. NakwiPirates besibheke lokho kodwa akwenzekanga ngokwezinhlelo zethu. UKapinga usafuna ukudlala futhi usenezifiso ezinkulu ngekusasa lakhe. Sizohlala phansi sicubungule izicelo eziqhamuka emaqenjini ahlukene ngaphambi kokuthatha isinqumo,” kusho uMudau.
Uma uKapinga ephelela kwiSekhukhune, okuthiwa izimisele ukukhipha imali ayifunayo yomholo, uzojoyina abanye abadlali abasayiniswe yileli qembu elidlala kwiCaf Confederation Cup okukhona kubona uNjabulo Ngcobo ochithwe yiKaizer Chiefs noThabang Monare odedelwe yiPirates ezinyangeni ezedlule. Ekupheleni kwesizini edlule, iSekhukhune ihlukane nabadlali abangu-13 okukhona kubona uSibusiso Vilakazi, noKamohelo Mokotjo osekwiCape Town City.