UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, akafuni ifakelwe ingcindezi yokuphakamisa indebe iBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngoJuni 21 kuya kuJulayi 19 e-Egypt.
IBafana ephekwa uStuart Baxter iqhathwe kuGroup D neMorocco, Ivory Coast neNamibia kulo mqhudelwano okungokokuqala udlalwa amazwe awu-24.
UMosimane, oke wapheka iBafana, uthe ngokwakhe iBafana kumele izihluphe ngokuya kwiNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar.
Ngokubona kwakhe amazwe asenhla ne-Afrika yiwona ayizimfivilithi ngokuthi enze kahle emqhudelwaneni walo nyaka.
“Ngicabanga ukuthi iMorocco, Egypt neTunisia bazokwenza kahle. NeDRC ngingayibala lapho ngingathanda ukubona umngani wami uFlorent (Ibenge) enza kahle. ISenegal nayo inethuba, * -Aliou Cisse unabadlali abahle kukhona noSadio Mane. Sikhuluma ngabagadli abavelele kwi-English Premier League. Ngicabanga ukuthi yilawo mazwe anethuba.
“Angithandi ukuthi sifake iBafana ingcindezi. Ngicabanga ukuthi kumele yakhele iqembu elizoya kwiNdebe yoMhlaba. Ukuba khona kwethu (kwi-Afcon) kwanele. Kodwa ke uma beyiwina kuhle nalokho mhlawumbe bangenzisa okweLeicester kodwa asingabafakeli ingcindezi,” kusho uMosimane.
ILeicester City imangaze abaningi inqoba isicoco se-English Premier League ngo-2015/2016.
Lo mqeqeshi osenqobe izicoco ezine ze-Absa Premiership nesisodwa seCAF Champions League, uthe angathanda ukubuyela ekuqeqesheni iqembu lesizwe.
“Nokho hhayi manje. Uma ngingakwenza lokho ngingathanda kube yizwe lami noma enhla ne-Afrika, ngicabanga ukuthi sengiyabaqonda. Kodwa okwamanje asiyekele uStuart enze umsebenzi wakhe,” kusho uMosimane.
Nokho ubuye wakuveza lokhu asekuveze kaningi kokuthi ubona uBenni McCarthy engaba wumqeqeshi omuhle weBafana.
“UBenni angaliqeqesha iqembu lesizwe. Indlela ayiyona ikhomba lokho. Udinga ukuzisondeza kumqeqeshi osenamava azofunda kuyena.”
UMosimane uthe nokho yena akasiye umqeqeshi afuna uMcCarthy ancele kuyena.