KUPHINDE kwagqama amaphutha odongeni lwasemuva lwaMaZulu FC eshayelwa ekhaya yiTS Galaxy ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
Womabili amagoli eTS Galaxy avalelwe phakathi wuDjakaridja Traore ngesiwombe sokuqala nesesibili.
Elokuqala kube yiphenathi emuva kokukeqwa kukaSphiwe Mahlangu wuThembela Sikhakhane eselalise uyaca ezitobheni zaMaZulu. UTraore ube esethatha iphenathi wayinamithisela enethini ngomzuzu ka-35.
Zibuya nje ekhefini umqeqeshi weGalaxy, uSead Ramovic, ufake uLindokuhle Mbatha endaweni kaYaimil Medina.
Nebala uMbatha oseyinkunzi emidwayidwa, ungene nomnyakazo njengoba ibhola aligobile ekhwishiza eqhamuka ngasophondweni lwesokunxele lahlangana noTraore engamakwe muntu walingqomfela phakathi kwaba ngu 2-0 ngomzuzu ka-55.
Nokho izinguquko ezenziwe nguRomain Folz zikhombise ukwenza umehluko ikakhulukazi emuva kokungena kwabagadli ababili uGuily Manziba noBongi Ntuli abangene ezindaweni zoHendrik Ekstein noDumisani Zuma.
AmaZulu abe esecindezela kakhulu kubonakala ukuthi aseyalifuna igoli, nebala uJunior Dion wagcina etholele leli qembu igoli ngemizuzu yokugcina kulandela ibhola ebelishaywe uKeagan Buchana lashayisa kuGiven Msimango weGalaxy labe seliwela ezinyaweni zikaDion ongacucuzanga walibhajiswa ezintanjeni ngomzuzu ka-83.
Okuqaphelekile kulo mdlalo amaphutha nokudembesela odongeni lwasemuva lwaMaZulu, okuyinto ebonakele nasemdlalweni wayo weNedbank Cup Last 32 neTornado FC ewunqobe ngo 3-2.
Nakulo mdlalo udonga lwasemuva lwaMaZulu lube namaphutha lwadedela iTornado edlala kwiSafa ABC Motsepe League yakwazi ukushaya amagoli amabili ngemizuzu yokugcina ekubeni ebehamba phambi ngo 3-0.
Empeleni kube yisiqalo esibi kumqeqeshi waleli qembu, uFolz, osanda kwelulelwa inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo.
Usuthu oseluhluleke ukunqoba emidlalweni emine yeligi ilandelana, luzobuyela ensimini ngokutholana phezulu neRoyal AM ngoMgqibelo ozayo koweligi, khona eMoses Mabhida.
Kanti iThe Rockets enyukele endaweni yesikhombisa ngokunqoba kwayo Usuthu, izobuyela ensimini ngokubhekana neMarumo Gallants kowePremiership ngoMashi 4.
Imiphumela yeDStv Premiership:
Royal AM 1-1 Supersport; Sekhukhune 2-0 Richards Bay; AmaZulu 1-2 TS Galaxy