I-UNIVERSITY of Pretoria inombele esicongweni seMotsepe Foundation Championship ngokuguqisa iJDR Stars ngo-2-0 kowomkhaya basePitoli, eSoshanguve Giant Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ntambama.
Ukuqhwakela kwamaTuks kuphinde kwathasiselwa ukubanjwa kweTshakhuma Tsha Madzivhandila ngo- 1-1 yiMagesi FC kowomkhaya baseLimpopo, e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ntambama.
I-TTM, okuyiwe emidlalweni yakule mpelasonto ihlezi esicongweni se-log, ibidinga ukuwunqoba lo mdlalo ukuze iqhubeke nokuqhwakela kodwa yabanjwa ngomakoti, iMagesi. IMagesi isikhombisile kule midlalo embalwa esadlaliwe ukuthi ayizelanga ukuzogcwalisa isikhala kwiMotsepe Foundation Championship.
Ngakolunye uhlangothi kubukeka kusabhimba uhlelo kwiBaroka FC eshaywe yiVenda Football Academy ngo-1-0 eThohoyandou Stadium, eVenda.
IBaroka, egawulwe yizembe kwiDStv Premiership ngesizini edlule, ibisishaywa okwesibili kule sizini esanda kuqala yeMotsepe Foundation.
Kanti ngesifanayo nakwiBlack Leopards, nayo okubukeka kusazoba nzima ukuthi ibuyele kwiPremiership njengoba ishaywe okwesithathu ixetshulwa ngo-3-1 yiCasric Stars.
Lokhu sekukhomba ukulolwa kwezembe kumqeqeshi waleli qembu, uJoel Masutha, njengoba leli qembu selishaywe emidlalweni emithathu kwemihlanu esadlaliwe kule sizini.
Kanti Uthongathi FC ikwazile ukubuya nephuzu ekuhambeni ibambana ngo-0-0 ne-All Stars, eTsakane Stadium, eBrakpan, eGoli.
I-The Cane Cutters ibiye kulo mdlalo okokuqala ngemuva kokushiya komqeqeshi wayo, uSimo Dladla, osule ngempelasonto edlule.
Imiphumela yeMotsepe Foundation Championship:
AmaTuks 2-0 JDR Stars; Casric Stars 3-1 Black Leopards; Magesi 1-1 TTM; All Stars 0-0 Uthongathi; Venda 1-0 Baroka; Pretoria Callies 2-1 NB La Masia