AKAZIMISELE ngokwenza inqwaba yezinguquko umqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi, uRob Walter, uma sebebhekene neNetherlands emdlalweni wesithathu eNdebeni yoMhlaba.
UWalter uthe bafuna ukuqhubeka nokubamba isigqi abaqale ngaso kulo mqhudelwano.
La maqembu azohlangana e-HPCA Stadium eDharamshala kusasa ngo-10.30 ekuseni. Ama-Proteas azobe ebheke ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana esigabeni samaqoqo. INetherlands izobe izama ukunqoba okokuqala kule Ndebe yoMhlaba.
Iqembu lakuleli liguqise i-Sri Lanka ngama-run angu-102 emdlalweni walo wokuvula ngaphambi kokuthela phansi i-Australia ngama-run angu-134 kowesibili. INetherlands isishaywe yiPakistan ngama-run angu-81 neNew Zealand ngama-run angu-99.
“Eqinisweni mancane amathuba okuthi sikwenze lokho (ukunika abadlali abangakadlali amathuba). Into enhle ngendlela esiwuqale ngayo umqhudelwano wukuthi sithola ikhefu elanele phakathi kwemidlalo. Abadlali bayakwazi ukwelulama, baziqeqeshe futhi balungiselele umdlalo olandelayo,” uWalter uchaze kanje.
“Sifuna ukusebenzisa iqembu esibona sengathi yilona eliqine kakhulu. Uma kwenzeka abanye abadlali belimala ngokuhamba kwesikhathi noma kufanele sidlale imidlalo emithathu esontweni elilodwa sizoba nayo ingxoxo mayelana nezinguquko. Okwamanje sisazohamba nalokho esibona ukuthi yikhona okungcono.
“Bonke abadlali baziqeqesha kahle, basebenza kanzima. Kuyangijabulisa ukwazi ukuthi akekho umdlali engicabanga ukuthi akakakulungele ukudlala uma simfaka eqenjini.”
Ukaputeni we-England uJos Buttler ukhale ngesimo senkundla e-HPCA Stadium ethi isihlabathi singase siholele ekutheni abadlali balimale uma bezama ukuvimba amabhola.
UWalter uthe kunzima ukuphawula njengoba bengakadlali kule nkundla kodwa uthemba ukuthi abadlali ngeke babe sengcupheni.
“Ngeke kushintshe indlela esiwubuka ngayo umdlalo. Kungaba nomthelela kulokho esikwenza enkundleni. Uma sibona kunengozi, njengoba uButtler eshilo, abadlali kumele bacabange ukuthi batshuza kanjani uma bevimba amabhola futhi labo abathanda ukushushuluza ngamadolo kumele bakugweme lokho,” kusho uWalter.
IProteas neNetherlands badlale imidlalo emibili yama-over angu-50 ngoMashi nango-Ephreli. AmaProteas bekudingeka ayinqobe yomibili ukuze azibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ngaphandle kokuthi adlale emqhudelwaneni wokuhlunga.
Iqembu lakuleli linqobe umdlalo wokuqala ngamawikhethi ayisishiyagalombili, lathatha owesibili ngama-run angu-146.