UMDLALI weqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa, uRassie van der Dussen, ukholwa ukuthi indlela abayiqale ngayo iNdebe yoMhlaba izobanika amandla uma sebebhekene nosokhaya i-India emdlalweni wamaqoqo eNdebeni yoMhlaba e-Eden Gardens, eKolkata, ngeSonto ngo-10.30 ekuseni.
AmaProteas azibeke ethubeni elingcono lokungena kowandulela owamanqamu ehlula iNew Zealand ngoLwesithathu. Sekufanele anqobe okungenani umdlalo owodwa kwemibili ewasalele kweyamaqoqo noma, athandazele ukuthi i-Afghanistan (asazodlala nayo) iqhuzuke kwemithathu eyisalele.
I-India ayikashaywa selokhu kuqale lo mqhudelwano kanti amaProteas asahlulwe kanye kweyisikhombisa aseyidlalile.
Ngesikhathi elakuleli ne-India bedlala uchungechunge lwemidlalo emithathu yama-over angu-50 e-India ngo-Okthoba nyakenye, iqembu lasekhaya lanqoba i-series ngo 2-1.
NgoJanuwari, nyakenye, adlale olunye uchungechunge lwemidlalo emithathu yama-over angu-50, kulokhu eNingizimu Afrika, amaProteas anqoba ngo 2-1.
UVan Der Dussen ungomunye wabadlali abasize amaProteas equmba phansi i-New Zealand, elinye iqembu eliyiqale kahle iNdebe yoMhlaba, ngama-run angu-190 ngoLwesithathu.
Lo mdlali ushaye ama-run angu-133 futhi uyazi ukuthi kuzodingeka benze okungcono ukuze banqobe iqembu elisefomini njenge-India.
“Bahle kuzona zonke izindawo. Banabashwibi abayingozi nabadlali abashayayo abasezingeni eliphezulu,” kusho uVan der Dussen.
“Kodwa sizoya kulowo mdlalo sazi ukuthi uma sidlala kahle futhi senza izinto ngendlela, sizoba nethuba lokuwina. Inselelo wukwenza lokho ngaphansi kwengcindezi kodwa sike sadlala nabo lapha phambilini futhi sesike sabahlula lapha e-India. Akuhlukile kakhulu yize sekuyiNdebe yoMhlaba.”
Uthe nakuba bebazi ubungozi babashwibi be-India abafana noJasprit Bumrah, Mohammed Siraj noMohammed Shami, kanye nabashayayo abanjengoVirat Kohli, Rohit Sharma noShubnam Gill, bazogxila kakhulu lokho okubasebenzelayo.
“Esikwenze kahle kakhulu kulo mqhudelwano ukuthi sigxile ekutheni sifuna ukwenzani. Emihlanganweni yethu sibheka ukuthi simi kuphi uma siziqhathanisa namanye amazwe enza kahle futhi sithola ukuthi siyahambisana nawo,” usho kanje.
“Uma sigxila kulokho akuwenzi umehluko omkhulu ukuthi sidlala naliphi iqembu. Siyazi ukuthi uma sidlala kahle, sidlala ngamaqhinga ethu futhi sithatha izinqumo ezifanele, ikakhulukazi ngaphansi kwengcindezi, sizothola imiphumela efanele.”