UZWA kuvunguza umoya wokuzethemba ukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa lakuleli, uTemba Bavuma, njengoba lizoqala ukulwela isicoco se-ICC Cricket World Cup ka-2023.
Lo mqhudelwano wemidlalo yama-over angu-50 (ODI) uqale izolo e-India. AmaProteas azovula owamaqoqo neSri Lanka e-Arun Jaitley Stadium eDehli kusasa ngo-10.30 ekuseni.
Ayishumi amazwe azobanganga isicoco kuze kushaye uNovemba 19. Wonke azoqala eqoqweni elilodwa, bese amaqembu amane azoqeda phezulu kwi-log adlulele kweyandulela owamanqamu.
AmaProteas akaze afinyelele kowamanqamu alo mqhudelwano selokhu aqala ukudlala kuwona ngo-1992, yize eseke afika kowandulela owamanqamu izikhawu ezine.
Kweminye imiqhudelwano abengena ethwelwe ngeqoma kodwa ahluleke ukumelana nengcindezi, uma sekufanele anqobe imidlalo esemqoka.
Kulokhu iqembu lakuleli lingene eNdebeni yoMhlaba ngokuqeda endaweni yesishiyagalombili kwi-log ye-ICC Men's Cricket World Cup Super League, lagwema ukudlala emqhudelwaneni wokuhlunga.
Lisanda kuguqisa i-Australia ngo 3-2 ochungechungeni lwemidlalo yama-over angu-50 ngokunqoba imidlalo emithathu yokugcina. Bekumele lidlale emibili yokungcweka e-India ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba kodwa alikwazanga ukubhekana ne-Afghanistan ngesonto eledlule ngenxa yemvula.
Umdlalo wesibili neNew Zealand uqalile ngoMsombuluko kodwa nawo wagcina uphazanyiswe yimvula. I-New Zealand ithole ama-run angu-321 kuma-over ayo angu-50, yalahlekelwa amawikhethi ayisithupha.
AmaProteas abeseshaye ama-run angu-211 futhi alahlekelwa amawikhethi amane ngesikhathi umdlalo umiswa kwi-over ka-37.
“Sijabule kakhulu ngenselelo esizobhekana nayo emasontweni ezayo. Iqembu liyakujabulela ukuba se-India ngenxa yothando lwekhilikithi abanalo kule lizwe nendlela okuphilwa ngayo. Siyazethemba kodwa ngomoya ophansi,” kusho uBavuma.
“Sinabadlali abasefomini, abadlala ikhilikithi esezingeni eliphezulu. Kuyasithokozisa ukuthola ithuba lokungena enkundleni, sikhombise amakhono ethu futhi yilokho esihlose ukukwenza emasontweni ambalwa ezayo.
“Sinabo abadlali abaziqondayo izimo zezinkundla zalapha nokunye ngenxa yokuthi bebedlala kwi-IPL (Indian Premier League) kodwa nakwamanye amaqembu kunjalo.
Ngeke ngisho ukuthi lokho kusibeka endaweni engcono kodwa lolo lwazi sizolusebenzisa uma sesihlela amaqhinga ethu.”
I-Sri Lanka iqede endaweni ka-10 kwi-log yeSuper League, kwadingeka ukuthi idlale emqhudelwaneni wokuhlunga ukuze ithole ithikithi lokuya e-India.
Kungenzeka ukuthi akukapheli ukuphoxeka leli qembu elidlule kukhona ngesikhathi likhishwa yi-India, lishaye ama-run angu-50 kuphela kowamanqamu e-Asia Cup ngenyanga edlule.
Emidlalweni emibili yokungcweka elisanda kuyidlala ne-Bangladesh ne-Afghanistan lithole ama-run angu-263 nangu-294, ngokwehlukana.
I-Sri Lanka ayikaze iphuthelwe yiNdebe yoMhlaba kusukela ngo-1975. Isayinqobe kanye, ngo-1996, yahlulwa kowamanqamu kabili, ngo-2007 nango-2011.
Kulokhu leli qembu liqeqeshwa nguChris Silverwood wase-England. Ukaputeni walo nguDasun Shanaka. Abanye babadlali abangase babe yinkinga uma selibhekene namaProteas, nguKusal Mendis, owaziwa ngokushaya ama-run, noCharith Asalanka, okwazi ukushaya futhi ashwibe.