LIQHUBEKILE nokukhonya phezu kweWest Indies emidlalweni yeTest iqembu lakuleli labesilisa lekhilikithi ngesikhathi liyinqoba ngama-run angu-40 emdlalweni wesibili obuseProvidence Stadium, eGuyana, osongwe ngoMgqibelo ebusuku.
Ukunqoba kwamaProteas lo mdlalo obekungowokugcina kulolu chungechunge kusho ukuthi alunqobe ngo 1-0 kwazise umdlalo wokuqala owawuseTrinidad and Tobago waphela zibambene.
La maqembu asebhekane ochungechungeni lwamaTest amahlandla angu-11 selokhu elakuleli labuyiselwa emidlalweni yamazwe ngo-1991 kulandela ukuphela kobandlululo.
IWest Indies yagcina ngokunqoba okokuqala ngo-1992, elakuleli seliphume phambili izikhawu ezingu-10.
AmaProteas abhethe kuqala eProvidence Stadium akhishwa ngokushesha esahlanganise ama-run angu-160 kuphela. Nokho, abashwibi bawo nabo basisebenzisile isimo senkundla, bayiqeda iWest Indies isashaye ama-run angu-144.
Elakuleli libhethe kangcono kwi-innings yesibili lathola ama-run angu-246, okusho ukuthi i-West Indies ibisidinga ukushaya angu-263 kwi-innings yayo yesibili ukuze inqobe.
Osokhaya bahlulekile ukwenza lokho njengoba bekhishwe bonke sebeshaye ama-run angu-222, amaProteas awunqoba kanjalo umdlalo nochungechunge.
"Sigculiseke kakhulu. Besikhuluma njengeqembu sithi akulula neze ukunqoba ekuhambeni futhi akufanele sikuthathe njengento encane. Lokhu kuzosinika ukuzethemba okukhulu, ikakhulukazi abadlali abasha eqenjini, abafake isandla kakhulu ukuze linqobe,” kusho Temba Bavuma, ongukaputeni wamaProteas.
“Sihlale sibheke ukukhula sibe ngcono. Sizothatha izifundo kanye nokuzethemba kulolu chungechunge. Inhloso yethu enkulu bekuwukuza eCaribbean siwine uchungechunge ngakho-ke siyajabula ngoba sikwazile ukwenza lokho.
“Ngikholwa wukuthi sidlale ikhilikithi emnandi ngezikhathi ezithile. Sifakiwe ngaphansi kwengcindezi kodwa sakwazi ukuqhamuka nezimpendulo. Kusobala ukuthi sisengathuthuka ekubhetheni nasekushwibeni.”
Khonamanjalo, umshwibi wakuleli uKagiso Rabada usedinga iwikhethi eyodwa ukuze afinyelele ezingeni lokuthatha amawikhethi angu-300 emidlalweni yama-Test.
Uqale lolu chungechunge edinga amawikhethi ayisishiyagalolunye ukuze afinyelele kulesi sibalo. Emdlalweni wokuqala wathatha amawikhethi amane kwathi kowesibili wathatha amathathu.
Uzothola ithuba elilandelayo uma amaProteas esebhekene neSri Lanka emidlalweni yeTest ngoNovemba nonyaka.
AmaProteas asebheke ukubhekana neWest Indies emidlalweni emithathu yeT20 ezoqala ngoLwesihlanu ebusuku.