KUPHINDE kwalibhedela iqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa likhishwa yi-Australia kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba e-Eden Gardens, eKolkata, ngoLwesine.
AmaProteas angene kulo mdlalo ebheke ukungena kowamanqamu okokuqala selokhu aqala ukudlala kulo mqhudelwano ngo-1992 kodwa aphinde ahluleka enqotshwa ngamawikhethhi amathathu.
Bekungokwesihlanu ekhishwa kowandulela owamanqamu njengoba kwenzeka ngo-1992, 1999, 2007 nango-2015. Bekungokwesithathu ekhishwa yi-Australia kulo mzuliswano.
Iqembu lakuleli liwine ithosi, ukaputeni uTemba Bavuma otholakale ekulungele ukudlala ngemuva kokudonseka umsipha ethangeni emdlalweni wokugcina wamaqoqo bedlala ne-Afghanistan, wakhetha ukuthi ezakhe zishaye kuqala.
Izinto azimhambelanga kahle uBavuma njengoba ekhishwe engazange ashaye nelilodwa i-run. UQuinton de Kock, u-Aiden Markram noRassie van der Dussen bamlandele eduze bengaliboni elidlalayo kubashwibi be-Australia.
Umdlalo umiswe isikhathi esingaphezudlwana kwemizuzu engu-40 ngenxa yemvula amaProteas esashaye ama-run angu-44, alahlekelwa amawikhethi amane.
UHeinrich Klaasen no-David Miller bakwazile ukuthola ama-run, balibuyisela ithemba iqembu lakuleli.
UKlaasen ugcine ekhishiwe esenze ama-run angu-47. U-Miller uqhubeke waze wafinyelela kuma-run angu-101, wasiza amaProteas ukuthi agcine ehlanganise ama-run angu-212.
I-Australia ibidinga ama-run angu-213 kuma-over ayo angu-50 ukuze inqobe umdlalo.
Iqale ngesivinini uTravis Head noDavid Warner bewaphahlaza kalula amabhola ayolandwa ezihlweleni.
Nokho kubuye inhlansi yethemba futhi kumaProteas ngesikhathi uWarner ekhishwa esehlanganise ama-run angu-29, uHead wakhishwa eseshaye angu-62.
UTabraiz Shamsi ushukumise inkundla ethatha amawikhethi amqoka kaMarnus Labuschagne noGlenn Maxwell sekubukeka sengathi i-Australia ifuna ukusheshe iwuqede umdlalo.
Kuphinde kwalishubela iqembu lakuleli ngesikhathi uSteve Smith noJosh Inglis sebedlala ngesineke bewaqoqa kancane kancane ama-run, kwazise bebesasalelwe yinqwaba yamabhola.
USmith ukhishwe uGerald Coetzee eseshaye ama-run angu-30, i-Australia isidinga ama-run angu-39 ukuze inqobe.
UCoetzee uphinde wasebenza exosha u-Inglis esenama-run angu-28. I-Australia ibisishoda ngama-run angu-20. Igcine iwatholile ngezandlla zikaMitchell Starc nokaputeni uPat Cummins, yafinyelela kuma-run angu-215 kuma-over 47.2, isilahlekelwe amawikhethi ayisikhombisa.
Isizobhekana nosokhaya, i-India, kowamanqamu ozobanjelwa eNarendra Modi Stadium, eGujarat, ngeSonto ngo-10.30 ekuseni.
I-India inqobe iNew Zealand ngama-run angu-70 kowandulela owamanqamu odlalelwe eWankhede Stadium, eMumbai, ngoLwesithathu.