UTHEMBISA ukugqiba ihlazo umdlali weqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa, uReeza Hendricks, ngemuva kokushaya into ephansi behlulwa i-Australia koweKFC T20 International Series ngoLwesithathu, eThekwini.
La maqembu azotholana phezulu okwesibili kulolu chungechunge eHollywoodbets Kingsmead Stadium namuhla ngo-6 ntambama.
Ngesikhathi ebhekene kowokuqala obubanjelwe enkundleni efanayo iqembu lakuleli alizange lilibone elidlalayo libhubhudlwa ngama-run angu-111.
AmaProteas awine ithosi akhetha ukushwiba kuqala kodwa ahlangabezana nezimbila zithutha njengoba abadlali be-Australia bebelishaya liphumele ngaphandle ngokuphindelela ibhola.
Izivakashi ziqede ama-over azo angu-20 sezihlanganise ama-run angu-226, zilahlekelwe ngamawikhethi ayisithupha. Kuzona kugqame kakhulu ukaputeni uMitchell Marsh, odlale wangakhishwa waqeda enama-run angu-92, elekelelwa ngiTim David, ophume nangu-64.
Kusheshe kwacaca ukuthi elakuleli ngeke lifinyelele kulesi sibalo njengoba bebephuma belandelana abadlali balo. Indlela iqalwe nguTemba Bavuma, ophume engashayanga neyokubika i-run.
Uzamile uHendricks ngokufaka ama-run angu-56 kodwa imizamo yakhe iphenduke umsebenzi wenkawu njengoba bekhishwe bonke maphakathi ne-over ka-16, besashaye ama-run angu-115.
“Bekuwumdlalo onzima kakhulu. Badlale kahle ukuze bahlanganise isibalo esikhulu sama-run, kwaba nzima ukuthi sifinyelele kusona. Kufanele sibashayele ihlombe uMitch March benoTim David ngendlela abalishaye ngayo ibhola, nokubabeke phambili kakhulu kunathi,” kusho uHendricks.
AmaProteas angene kulo mdlalo ekade agcina ukudlala ngo-Ephreli ngesikhathhi ebhekene neNetherlands ochungechungeni lwemidlalo yosuku olulodwa.
I-Australia idlale ama-Test ngoJuni nangoJuly, ibhekene ne-India ne-England, yize iningi lalabo badlali bebengekho eqenjini leT20 elinqobe ngoLwesithathu.
UHendricks uthe: “Kubonakalile ukuthi kade sagcina ukudlala kodwa akufanele sibeke izaba. Sekumele sidlulise lo mdlalo wokuqala, sibheke olandelayo. Sinethuba lokuthuthuka ezindaweni eziningi futhi ngiyethemba ukuthi lokho kuzokwenzeka emdlalweni wesibili.”
AmaProteas kumele anqobe kusihlwa ukuze agweme ukuthi i-Australia isheshe iluthathe lolu chungechunge. Umdlalo wokugcina nawo uzobanjelwa eKingsmead ngeSonto ngo-2 ntambama.