IQEMBU lakuleli labesifazane lekhilikithi lizothola ithuba lokubuyisa izinduku kwi-Australia, uma sebebhekene emdlalweni owandulela owamanqamu namuhla.
Lo mdlalo uzoqala ngo-4 ntambama, eDubai International Stadium. Lawa maqembu adlala kowamanqamu kulo mqhudelwano nyakenye, kwanqoba i-Australia ngama-run angu-19.
AmaProtea adlulele kweyomkhumulajezi ngokulala isibili kuGroup A ngamaphuzu ayisithupha. Anqobe imidlalo emithathu yamaqoqo, ehlula i-West Indies, Scotland neBangladesh, ahluwa yi-England.
I-Australia iqhwakele kuGroup A ngamaphuzu ayisishiyagalombili ngemva ukuyinqoba yomine imidlalo ne-India, New Zealand, Pakistan neSri Lanka.
AmaProtea abebambe umoya ngesikhathi i-England idlala neWest Indies emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngenxa yokuthi abedinga ukuthi umphumela uvune wona.
Ukunqoba kweWest Indies ngamawikhethi ayisithupha kuqinisekise ukuthi iyona edlula namaProtea, i-England yasala ngaphandle.
Umshwibi wamaProtea uNonkululeko Mlaba, uthe bebelokhu bezama ukuthola ukuthi kuhamba kanjani kulowo mdlalo, bakwazi ukuphefumula sebezwa ukuthi izinto zibalungele.
“Ngesikhathi sizilolonga besilokhu sizama ukubala ukuthi yikuphi okudingekayo ukuze sidlulele phambili. Bengithandazela ukuthi sigcine sidlulile. Ngiyazi ukuthi sisebenze kanzima kangakanani nokuthi kusifanele ukudlala kowandulela owamanqamu,” kusho uMlaba.
“Ngikubheke ngabomvu ukudlala kowandulela owamanqamu. Ngesikhathi sisalinde umphumela bengigxile ezinhlelweni zami, ngenza amalungiselelo ajwayelekile ngoba okunye bengingeke ngikwazi ukukulwawula. Besazi ukuthi uma sidlula sizobhekana ne-Australia, ngakho-ke besikhona leso sithombe emqondweni wami.
“Ngijabule kakhulu ngendlela engiqhuba ngayo kulo mqhudelwano kodwa bengingeke ngikwazi ukwenza lutho ngaphandle kozakwethu. Yibona abebenqaka amabhola ukuze ngithole amawikhethi. Konke sikwenza ngokubambisana.”
Komunye owandulela owamanqamu ozobanjelwa eSharjah Cricket Stadium kusasa ngo-4 ntambama kuzodudulana iWest Indies neNew Zealand.
Umdlalo wamanqamu uzokuba ngeSonto ngo-4 ntambama, eDubai International Stadium.