IQEMBU lamaBhokobhoko livikele isicoco seRugby Africa Women’s Cup laphinde lazibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba yangonyaka ozayo ngesikhathi liguqisa iMadagascar ngo 46-17 e-Stade Makis, e-Antananaviro ngeSonto ntambama.
Ukunqoba kwamaBhokobhoko kuqinisekise indawo yawo eNdebeni yoMhlaba ezobanjelwa e-England ngo-2025, aphinde azifaka emqhudelwaneni we-WXV 2 ozobanjelwa kuleli kusukela ngo-Septhemba kuya ku-Okthoba nonyaka.
Bekungokwesithathu iqembu lakuleli linqoba lesi sicoco njengoba lingakaze lehlulwe selokhu wasungulwa ngo-2019.
Liqhwakele ngamaphuzu angu-15 emidlalweni emithathu, lalandelwa yiMadagascar eqede inamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Ukaputeni uNolusindiso Booi uthe badlalela ukugqugquzela abesifazane ukuthi balwele ukuphumelela embhoxweni nakunoma yini abayenzayo.
“Sidlalela ukuthi sigqugquzele intombazane noma owesifazane odlala ibhola lombhoxo futhi ngicabanga ukuthi lokhu kunqoba nokuzibekela indawo eNdebeni yoMhlaba kusho lukhulu.
“Sikufanele ukuba sendaweni ephezulu, ngakho-ke izinyathelo ezilandelayo zibalulekile. Ngibonga ukuzimisela kwabadlali, kodwa udumo olukhulu kumele luye kubaqeqeshi abasicije kahle,” kusho uBooi.
Amanye amazwe abeyingxenye yeRugby Africa Women’s Cup yiKenya, elale endaweni yesithathu ngamaphuzu ayisithupha neCameroon eqede emsileni ngephuzu.