UDUMELE umndeni ka-Andile ‘Bobo’ Mbuthu, ngenkathi uzwa ababulali bendodana yawo belaxaza ummeli wabo ngesikhathi sekumele bagwetshwe eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoLwesithathu.
Kujabhe namakholwa abekade ezokweseka lomndeni ezwa o-Andile Nhleko, Mncedisi Mzobe, Lindani Ndlovu noMalusi Mthembu bethi ithibelene phakathi kwabo nobengummeli wabo, uMnuz Chris Gounden.
Lamadoda alahlwe yicala lokuthumba nelokubulala ngokuhleliwe ngoJulayi, yahoxiswa ibheyili ase egqunywa ezitokisini alinda isigwebo.
Athe kawaneme ngoGounden, amsola ngokuwahlinzela ezibini ngesikhathi secala, abe asecela inkantolo ukuthi iwatholele ummeli wamahhala ongase abone izinto ngeso elihlukile.
UNksz Zodwa Jali ongumamncane kaBobo, uthe kubuhlungu ngoba izolo bese bezitshelile ukuthi sekufike ekugcineni, ababulali bazogwetshwa.
“Siyadinga ukulivala leli khasi manje, ukuze siqhubekele phambili nempilo yethu emile. Njalo uma sicabanga lento (isehlakalo) siyazi ukuthi labantu (ababulali) abakagwetshwa nokuthi asazi kuzokwenzakalani,” kusho uNksz Jali ngokukhathazeka.
Umndeni kamufi ufuna lawa madoda ukuba agugele ejele ngokuthi agixabezwe ngodilikajele.
Izindaba zokuhoxa ngomzuzu wokugcina kukaGounden, ekutheni abe ngummeli wabasolwa zidalulwe enkantolo uzakwabo obembambele.
Lommeli uthe uGounden nalawa madoda kabasabhekani wasethatha isinqumo sokuhosha imfe kuleli cala.
Lokhu akwehlanga kahle kwiMantshi uSanele Hlatshwayo, ebuze kungani isicelo senziwa icala seliphothulwa? Uphi yena uGounden, kungani engekho ukuzosho ngomlomo wakhe ukuthi uyahoxa ecaleni?
UMshushisi uMnuz Ntuthuko Mngadi, uthe umndeni kamufi uyadinga ukuvala ikhasi lempilo obhekene nayo uqale elisha ngakolunye uhlangothi lawa madoda ayamdinga ozowamela kulawa macala abucayi alahlwe ngawo.
UHlatshwayo usamukele isicelo salawa madoda sokuthola ummeli wathi icala lokubulala abalahle ngalo lihamba nesigwebo sikadilikajele.
Ube eselihlehlisela u-Okthoba 17 icala ukuze lamadoda athole ummeli wamahhala. Amakholwa ngaphandle kwenkantolo abehlabelela izingoma zokholo athi kawazophela umoya azobuya enkantolo kuze kube sekugcineni.
Kuvele kwachwaza ezinkundleni zokuxhumana, abantu befaka amavidiyo aveza uBobo egxiza igazi emabokoboko eshayiwe ngo-2020.
Wayesolwa ngokweba utshwala balapho ashaywa washonela khona eMagagula Lounge, eHambanathi oThongathi. Lendawo yobumnandi yagcina ingqongqiswa umphakathi owawuveva yintukuthelo.