SELUQUBULE indida udaba lwamalungu omndeni ashone ngemuva komsebenzi emzini wakwaChiliza KwaMgayi, eMthwalume.
Isolezwe libike ngalolu daba izolo nokuthe khona izolo izintatheli zahambela kuleya ndawo kwatholakala kukhala ibhungezi emzini okuthiwa bekunomsebenzi kuwo. Kube sekuvela izindaba ezingaqinisekisiwe zokuthi kukhona nabanye asebeshonile abangebona abomndeni. Kuthiwa amalungu omndeni aqale aphuma igazi ngamakhala.
Isolezwe lihambele kule ndawo lakhuluma namalungu omphakathi mayelana nalesi sehlo. Kukhona abaveze ukuthi bashaywa uvalo ngoba lo muga sewukapakela emalungwini omphakathi.
"Sekukhona nabanye abebesemcimbini abashonile. Nathi sesiyesaba ngoba phela siyidlile inyama. Mina sengiphuma nakudokotela. UNkulunkulu angisize,'' kubalisa omunye wesifazane.
Elinye ilungu lomphakathi elificwe yiSolezwe limi nomakhelwane bemi isixongololo libuzwa ngalo mndeni liphendule kuqala lathi : "Nifuna lapho okushone khona abantu abaningi kade kunomcimbi?''
Kuthe uma intatheli ivuma lase liqala likhuluma. "Ibuhlungu leya nto eyenzeke kuloya muzi. Futhi inkulu le nto ebifakwe kuleya nyama yenkomo. Uma kuyisandla somuntu cha, ayi ukhona bo,'' lisho kanje.
Iqhubekile intatheli yambuza ukuthi ubekhona yini emcimbini wavuma wathi ubekhona. "Njengoba usibona simi lapha nje sonke besikhona futhi sikhuluma ngayo le ndaba,'' lisho kanje.
Kube sekunanela omunye wesifazane othe: "Ningobani nina? Noma nizobasiza ngani laba bantu ngoba phela kubi ikakhulukazi emndenini obuhlele umcimbi,'' libuza.
Liqhuba lizwakale selikhulumela phansi selithi: " Eyi madoda kodwa ngomngani wami uBe.''
Kulapho intatheli ebabuze khona ukuthi bayabazi yini ngamagama abantu bomphakathi abashonile. Babe sebebagagula ngamagama.
Baveze nokuthi kunomunye ubaba obesanda kufika endaweni oshonele egcekeni lakwakhe esanda kubuya nje emcimbini.
"Siyamlibala isibongo sakhe loya baba kodwa yena usanda kufika endaweni,'' bephundula kanye kanye.
Isolezwe liphinde lahlangana nabanye futhi abesifazane abebehlezi eceleni komgwaqo nabo abaqinisekisile ukuthi bayalwazi lolu daba.
"Uma nje ningasiza ngokuthi lolu daba lufinyelele nakuhulumeni kungaba ngcono kabi. Phela le nto akumele iphelele lapha nje endaweni kube sekubhujwe kangaka,'' usho kanje.
Isolezwe lihabule ukuthi eminyakeni eyedlule kuke kwabhujwa futhi kule ndawo ngemuva kokuba abantu bephuze utshwala emcimbini.
"Sesikhathele manje yile nto, phela ekuqaleni abantu babhubha kade bephuze utshwala komunye umcimbi,'' kubalisa elinye ilungu lomphakathi.
Isolezwe lihambe laze lafinyelela emzini lapho okuthiwa bekunomcimbi khona kodwa lafica kukhala ibhungezi.
Izolo Isolezwe lizame lancama ukuthola ubuholi bendawo ukuze buphawule ngalolu daba.
Kuvela ukuthi amalungu omphakathi ashonile wona abekhukhunyalelwa yizisu ngaphambi kokushona.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo eKZN uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe ngokwamabhuku abo bagcina ngo-Agasti ukufikelwa abantu ababesolwa ngokudla ushevu esibhedlela eGJ Crooks. Ababengeniswe khona baxilongwa badedelwa.